Ugwetshwe iminyaka engu-12 osolwa ngokuphehla udlame olwaholela ekuluthweni kwamabhizinisi

uMnu Mdumiseni Khetha Zuma othole isigwebo seminyaka engu-12 ebhadla ejele.

SHEILA MHLONGO

Inkantolo yesifunda saseMgungundlovu igwebe lowo osolwa ngokuphehla udlame  emphakathini  olwaholela ekuluthweni kwamabhizinisi nezitolo ngenyanga ka Julayi 2021. Lowo uMnu Mdumiseni Khetha Zuma othole isigwebo seminyaka engu-12 ebhadla ejele.

Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi abe National Prosecuting Authority (NPA) bathe lensizwa eneminyaka engu-35 igwetshe ngenxa yokwephula isigaba 17-18 somthetho we Riotous Assemblies Act, lokhuu lensizwa ikwenza ngokuphehla udlame emphakathi igqugquzela umphakathi ukuthi wephule umthetho,isebenzisa ukusabalalisa ivideo emayelana nenxanxathela yezitolo iBrookside Mall iyisabalalisa ngisho nako WhatsAPP.

Ngokwe NPAisitatimende siqhuba sithi isenzo salensizwa yakwaZuma saholela ekutheni abantu baluthe baze bacekele phansi ngomlilo yasha yaphela  inxanxathela yezitolo iBrookside Mall.

Ngokwesitatimende sithi onguMmeli uYuri Gangai uyena obehola ubufakazi obuqandula ikhanda mayelana nesithombe esiqukethwe ivideo kanye nobufakazi sikanogada  owabe esebenza kulenxanxathela yezitolo.

Lowo owabe eyimenenja kulenxanxathela yezitolo watshela inkantolo ukuthi umonakalo owadaleka ngenxa yokucekelwa phansi kwayo ubalelwa ku R500 million wamarandi.Kanti lendawo yabe isiza imiphakathi ebalelwa ku 5,000 kuhlanganisa nabantu abathola izibonelelo zakwaSASSA abakuhlukumezeka ngenxa yalokhu.

UZuma ugwetshwe iminyaka engu-10 ebhadla ejele ngecala lokuqala bese kuba iminyaka emibili elengiselwe iminyaka eyisihlanu inqobo nje uma engeke atholakale enze icala elifanayo kulesosikhathi  esilengisiwe.Waphinda wagixabezwa ngeminye eyisithuphha ebhadla ejele lapha emibili izohambisana naleyo yesigwebo sokuqala, okuphetha ngokuthi abe uzodonsa  iminyaka engu 12 ebhadla ejele.

Abe NPA bazwakalise ukuthi lesi isigwebo sokuqala esimayelana nalelicala bathi bethemba ukuthi kuzoba isifundo nakwabanye. SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *