Umuntu okhubazekile naye unalo ilungelo lokuzikhethela impilo afuna ukuyiphila

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi umuntu okhubazelile ukuthi naye umuntu okhubazekile unalo ilungelo lokuzikhethela impilo afuna ukuyiphila, kunokuthi ahlale agoqe izandla azidabukele ngoba nakhu ekhubazekile .

Kungenzeka wazalwa ukhubazekile ngesitho esisodwa nje emzimbeni wakho noma uzalwe ungakhubazekile uphilile nje kodwa emva kweminyaka ethile empilweni yakho wazithola usukhubazeka okungenzeka ngenxa yokugula noma ngenxa yengozi ethile ekwehlele.

Lapha kulolushicilelo sithanda ukukhuthaza bonke abantu abakhubazekile ukuthi nabo bangabantu, futhi,  basengakwazi ukukhetha impilo abayithandayo njengawo wonke umuntu odaliwe lapha emhlabeni.

UMnu. Musa E. Zulu ungomunye wabantu abazalwa bengakhubazekile kodwa  emva kweminyaka ephila wazithola esekhubazekile ngenxa yengozi. Yebo angeke sikhohlisane nakuye kwamethusa lokhu futhi wakhathazeka kakhulu ngoba ezithola esengasakwazi ukuzihambela sekudingeka ukuthi asebenzise izihlalo esinamasondo, ashintshe nempilo akade eyiphila kwamele athembele kwabanye abantu ukuze aqhubeke nempilo.

Kukho konke lokhu uMusa E. Zulu. Wathatha isinqumo sokuthi uzokwamukela isimo sakhe bese ebhekana ngqo nokusombulula izingqinamba ezadalwa ukukhubazeka kwakhe ngokuthi aqhamuke namasu angamsiza ukuthi akwazi ukuziphilisa aphinde futhi asize nabanye abantu abakhubazekiile kanye nalabo abangakhubazekile.

Sengiphetha lapha ngezansi uMusa  usilobele ngamalungelo ayishumi nambili (12) omuntu okhubazekile, Kodwa ngokuzayo sizolokhu siqhubekile sinilobela ngezinto ezinhle ezenziwa abantu abakhubazekile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *