Zizoqina ezokuphepha emajele akuleli kulesikhathi samaholidi okuphela konyaka

uThobekgale uthe uMnyango uzoqinisa ezokuphepha ukuze ugweme ukwephulwa komthetho kanye nokungeniswa kwezinto ezingavumelekile ukungena  ngaphakathi  emajele kulesikhathi samaholidi okuphela konyaka,

SHEILAMHLONGO

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo kuleli usukhiphe isitatimende ngomlomo kaKhomishana wawo uMnu Makgoti Thobakgale sokuthi kulamaholidi okuphela konyaka bazoqinisa ezokuphepha emajele.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu lomhlaka 29 Novemba,  eThekwini ngesikhathi sokwethulwa kohlelo lomkhankaso wamaholidi okuphela konyaka,  uThobekgale uthe uMnyango uzoqinisa ezokuphepha ukuze ugweme ukwephulwa komthetho kanye nokungeniswa kwezinto ezingavumelekile ukungena  ngaphakathi  emajele kulesikhathi samaholidi okuphela konyaka,

“Njengoba sibheke kumaholisi okuphela konyaka okuyisikhathi sokujabula nokubungaza kanye nesikhathi sokuba ndawonye kubantu abaningi. Nokho lesikhathi izwe liphinde libe nenkinga yobugebengu obusezingeni eliphezulu kanye nokwephulwa komthetho emajele”. Kuchaza uThobekgale oqhube wathi njengoba bethula uhlelo oluyisu lokuzibophezela kwabo bengumnyango ekuqinsekiseni ezokuphepha emajele.

UThobekgale utshele izihambeli zomcimbi ukuthi ukuphepha kwabasebenzi basemajele ikona okusemqoka ngokunjalo nokwazo iziboshwa. Kanti angeke zibekezelelwe izenzo zokuhlaselwa kwabagcini bomthetho ngoba lokho kufana nokuhlasela uhulumeni uqobo lwakhe. Uqhube wathi amajele ayizikhungo ezibaluleke kakhulu njengoba enza umsebenzi ezimqoka zokuhlumelelisa izimilo kanye nokubagcina bephephile labo abasuke bephule imithetho

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *