Idolobha leTheku lizobe liqashwe ngeso lokhozi kulamaholidi okuphela konyaka

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda uzwakalise ukuthi nakanjani bazoyinqoba inkinga yezenzo zobugebengu edolobheni

SHEILA MHLONGO

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda uzwakalise ukuthi nakanjani bazoyinqoba  inkinga yezenzo zobugebengu edolobheni, lokhu, kuza ngemuva kokuthi ngomhlaka 5 Disemba, iMeya ihambele indawo lapho kugcinwa khona amakhamera (CCTV camera control room) okuqapha izitaladi zedolobha

Ngesikhathi iMeya ihambele indawo egcina amakhamera (CCTV cameras) ithole umbiko ogcwele yaphinde yakhonjiswa indlela asebenza ngayo ukuqapha izenzo zobugebengu edolobheni nasemabhizinisini. Kanti uhlelo lokulungiswa kwawo amakhamera luqalwe ngenyanga kaSepthemba, lwaphethwa ngenyanga kaNovemba.

“ Siyajabula kakhulu ukuthi wonke umsebenzi wokulungiswa kwamakhamera uphothulwe kahle kusenesikhathi  ngaphambi kwamaholidi okuphela konyaka futhi sinesiqiniseko sokuthi azokwazi ukubhekana nomsebenzi wokuqapha izenzo zobugebengu”. Kuchaza iMeya uKaunda.

IMeya iqhube yathi, njengoba  idolobha lizobe liqashwe ngeso lokhozi ngamakhamera kanye nethimba lamaphoyisa nakanjani zizoncipha izenzo zobugebengu kulesikhathi samaholidi okuphela konyaka kanye nangalena kwawo.

Amakhamera afakwe ikakhulukazi ezindaweni ezimqoka kanye nalezo ezivame ukuba nezigameko zobugebengu, kanti osomabhizinisi nabo bazohlomula ngoba bangakwazi ukuxhumanisa awabo nalawo edolobha ukuze baqaphe izigameko zobugebengu.

Uhlelo lokusebenza kwamakhamera luyoze ludluliselwe nasezindlini lapho kuhlala khona izikhamizi zedolobha, kanye nasemalokishini imbala. “Sinxusa yonke imiphakathi eyakhele iTheku namaphethelo ukuthi ibambisane noMkhandlu kanye nazo zonke izinhlaka zabomthetho ekulweni nezenzo zobugebengu”. Kuphetha iMeya uKaunda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *