Aya ngokushabalala amathemba kubahlali base Zinqoleni ngezindlu zemixhaso 

Londiwe Mthethwa   

15 Ku Masingana 2024  

Aya ngokushabalala amathemba okuthola izindlu zemixhaso kubahlali base Zinqoleni,eNingizimu ye KwaZulu-Natal.

Loku kuza emva kokuba iKhansela lendawo uMnu.Melusi Tsawulwayo ekhiphe isimemezelo sokuba amadokhumenti okanye imininingwane abayithumela inamaphutha futhi akusiyo edingekayo. 

Ikhansela lomphakathi uMnu. Melusi Tsawulwayo, ucacisile ukuba kunesizathu esinqanda sokuba amadokhumenti abuyiswe.

Ubese enxusa nomphakathi ukuba ubekezele futhi usebenzisane nabaqokiwe ukuphumelelisa ukwakhiwa kwezindlu. 

“Ngizocela umphakathi ube nesineke futhi wenze loku okucelwa ukuba ukwenze .Into abantu abangayazi ukuba lemininingwane iqala kumnyango weze Nhlalo ukuze ihlolwe kabanzi ukuba isemthethweni nokuthi efanele yini.Nokuyilapho ebuyiswe khona.” Kuchaza ikhansela.

Okhulumela amalungu omphakathi u Nksz Thembisile Mlaba uthe akusikho okokuqala behambisa imininingwane iphinde ibuyiswe ngesizathu esifanayo . 

“Sisebenzisa imali yethu yokugcina ukugibela siye edolobheni siyolungisa lamaphepha abawafunayo.Abasheshe basazise uma bengeke bezakhe lezizindlu,Kade salubamba udonga.” Kwenaba u NKSZ Mlaba. 

Muva nje emhlanganweni womphakathi obubanjelwe kwi hholo lomphakathi Ezinqoleni,KwaDlovinga ward 31,Ikhansela lendawo laliwuqinisekisile umphakathi ukuba ngo Ncwaba 2023,Izindlu zizobe seziqala ukwakhiwa kodwa namanje akukwenzeki. 

“Kuyacasula lokhu ngoba kunabantu abahleli ezindlini ezingezinhle neze isimo sazo kodwa nakubo akwenzeki lutho.Futhi ngeke ngithuke makuyisu lokukhankasa leli njengoba kusondele ukhetho.” Kusho uMnu.Bheki Dlamini,Ongumholi wentsha. 

Ikhansela liphinde laqinisekisa futhi ukuthi izindlu zizokwakhiwa njengoba kuqala unyaka abantu abangadikibali. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *