SHEILA MHLONGO
I-South African Social Security Agency (SASSA) isikhiphe isitatimende esimayelana nodaba olusakazwe inhlangano iSABC ohlelweni lwayo lwezindaba, lapho ibike ukuthi kunesibalo sabantu abangasekho emhlabeni ababalelwa ku 74,000 abahlomula isibonelelo sikahulumeni kungafanele .
Lesitatimende siza emuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Lindiwe Zulu kade ephedula imibuzo ephalamende.
Siqhuba isitatimende seSASSA sithi lesisenzo sihambisana nenkohlakalo kanti uPhiko olubhekele inkohlakalo luyaphenya ngalokhu.
“ Nakuba sinalo ulwazi mayelana nezenzo zenkohlakalo eziqhubekayo eziphenywa uPhiko lwethu olulwa nkohlakalo nsuku zonke, singu SASSA singakuqinisekisa ukuthi iningi lakho akuhlangene nenkohlakalo.Kodwa kungenxa yokuthi imindeni iyephuza ukubika ngokufa kwamalunga awo kuze kube kufika usuku lokukhishwa komhlomulo womuntu”Kuchaza abeSASSA.
Siqhuba isitatimende sithi uSASSA unalo uhlelo lokuhlola ukuthi basaphila yini abantu abathola imihlomulo ngokuthi bayiqhathanise nemininingwane etholakala eMnyangweni wezaseKhaya kanti lokhu kwenziwa nyanga zonke okuye kuthi uma kutholakala ukuthi umuntu useshonile imininigwane yakhe iyakhishwa ngaphambi kokudedelwa komhlomulo.
“ Ngeshwa lenkinga yokuhlomulisa abantu abangasekho ngenxa yokuthi umdeni wehlulekile ukubika ngokufa kwelunga lawo ingaphezu kwamandla eSASSA kanye noMnyango wezaseKhaya-SANews.gov.za