Inhlangano yezepolitiki iRISE Mzansi izobhekana ngqo nezidingo zentsha yaseNingizimu Afrika

ZETHU PHOSWA

Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi iningi lentsha yaseNingizimu Afrika, indonsa izinyawo ngokuzihlanganisa nezepolitiki, ngisho nokuvota uqobo.

Lokhu kuvele obala ngesikhathi inhlangano ezimele esingethe ezokuvota IEC, ikhipha usuku lokubhalisela ukuvota ngonyaka owedlule, ukuze intsha ikwazi ukungena ohlwini lwabantu abazovota, kukhetho lukazwe lonke, kulo nyaka.

Mhla zili-18 kuya zili-19 kuLwezi kunyaka ofile, i-IEC iqoke lezi zinsuku njengempelasonto yokuyobhalisela ukuvota. Okufike kwathusa ukuthi iningi lentsha belingazi nanyaka, kuduma upotiyane. Enye ibingazi ukuthi leya mpelasonto usuku lokubhalisela ukuvota, kanti enye ibizitshela ukuthi sekuyilona suku olukhulu lokuvota.

Ingwadla esibhekene nayo ukuthi iningi lentsha kaliyikuqondi ukubaluleka kwevoti namandla eliwaqukethe, kanti ingcabha ibheke ngqo kumaqembu ezepoliti angakwazi ukuhlinzeka izidingo zentsha nokuthi bafune ukufaka imidodovu yamakhehla nezalukazi ekuholeni nasekuphathe amaqembu, intsha bayikhiphele ngaphandla, bangayiniki ithuba .

Iqiniso lithi abantu bakuleli ikakhulukazi intsha, kayizihlanganisi nezepolitiki. Ukuqhamuka kwenhlangano yezepolitiki iRise Mzansi kufike nethemba lokuba wumgogodla wentsha, njengoba lifike lavuselela ithemba, lokubuyisa isithunzi sentsha futhi libonakala lizokwazi ukumelana nezidingo zentsha ezizokwazi ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu jikelele.

Sekuyisikhathi eside iningi lentsha yakuleli livala izindlebe ngezepolitiki ngenxa yezithembiso ezigcwele iguncu futhi nezokuthuthukiswa kwayo kuza ngesivinini sonwabu.

IRise Mzansi ibonakala izobuyisa isithunzi, umgogodla, nokuzethemba entsheni okuzokwenza umehluko omkhulu, ukuze bakulungele ukuhola izwe kusasa.

Le nhlangano yezepolitiki yethulwe ngokusemthethweni nyakenye mhla zili-19 kuNdasa 2023, kanti liholwa ngowayeyiqweqwe kwezobuntatheli aphinde abe ngumshicileli wezincwadi uMnu Songezo Zibi.

Nakuba ukuholwa ngumuntu ongenawo umlando kwezepolitiki, amagalelo kanye isipiliyoni kuyona, kungazange kungihlabe umxhwele. Kodwa iqiniso lithi sikhathele ngabantu abazicebisa bona ngoba beqhosha ngokuthi banesipiliyoni namagalelo kwezepolitiki, besho becasha ngesithupha, behlushwa ukucabangela izisu zabo bakhohlwe ukuthi bangabasebenzi bomphakathi futhi kumele bathuthukise izingqalasizinda nezimpilo zabantu.

Ngonyaka owedlule, ngike ngafakana umlomo, nalowo ohola le nhlangano kulesi sifundwazwe, ngenhloso yokuzwa ukuthi yini abafika nayo ehlukile, ezokwazi ukushintsha izimpilo zabantu, uNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo.

Okufike kwangichaza ukubona owesifazane osemncane enikwa ithuba lokuhola kwipolitiki, eganqindiwe amandla futhi engenziwa isichuse. Nangendlela abenze ngayo imanifesto, esuselwe kwimibono nezidingo zabantu bonke.

Imbangela enkulu yalokhu ukuthi intsha ifuna ukulalelwa , iphinde icathuliswe nokuthi inakwe njengoba  ihlale inembuzo edinga izimpendulo, bese kuba wukuthi ibanika ngqo  abakufunayo ngaphandle kokunabukelisa isimo. Lokhu kufakazelwa iManifesto yabo, ebizwa nge-People’s Manifesto Launch, lapho khona leliqembu liyisungule ngezikhalo nemibono yabantu base Ningizimu Afrika yonke. IRISE Mzansi ithathe lemibono, yayihlanganisa, kanti izokwenza ngayo iManifesto yenhlangano, ezokwethulwa  mhla zingamu-20 kuMasingane 2023 ePitoli

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *