Inkatha Freedom Party (IFP) ikhathazekile ngokuvulwa kwezikole kusanemibuzo engaphendulekile

SHEILA MHLONGO

Iqembu lezepolitiki eliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP), lizwakalisa ulaka lwalo, ngodaba lokuvula kwezikole, ekubeni kusanezinguzunga zemibuzo engaphenduliwe uMnyango WezeMfundo KwaZulu-Natal, oholwa nguMhlonishwa uMbali Fraser, kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube

UNgqongqoshe wezeMfundo uhluleke wancama ngodaba lokushoda kwabasebenzi, izikhundla zothishanhloko ezingenabantu ngisho nasemnyagweni wakhe imbala, lokhu kwenzeka nje kunothisha abaqeqeshelwe ubuthishela kodwa ababhuquza emakhaya neziqu zabo,

Ngonyaka owedlule kube khona ukuhudulwa kwezinyawo ngenxa yesiteleka sothisha ngenxa yokunganeliseki ngezimfuno zabo. Okwethusa kakhulu ukushoda kwezinsiza kusebenza, ezithinta izivivinyo.

Sekuphele izinyanga eziyi-8, udaba lwamathenda okuphakelwa kwezikole, luseyinzukasikeyi lungaphenduliwe, okwaholela ukuthi kuphazamiseka ukuphakelwa kwezingane ezikoleni.

Ukudonsa kwalezi zimpendulo kwenza kubonakale ukuthi kunenhlese yenkohlakalo nokwenzelela ngaphakathi kulo mnyango.

Futhi kushiya nokungabazane lokuthi uNdunankulu wakulesi sifundazwe, akakwazi ukuthatha isinqumo sokususa ongqongqoshe abangasebenzi kwikhambinethi.

IFP, ikusho lokhu  ukuze kuthuthukiswe izikole  zaseKwaZulu-Natal nokuqinisekisi ukuthi isimo sihle kothisha nabafundi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *