Kunokudideka ngeqembu elisha iMK

Kubukeka sekunokudideka ngeqembu lezombusazwe elisanda kubunjwa Umkhonto Wesizwe, nelisanda kumenyezelwa ilowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma ngomhlaka 16 Disemba 2023.

Ngesikhathi uMnu Zuma ememezela leliqembu uzwakalise ukuthi angeke ayivotele i-ANC nakuba yena eseyilo ilunga layo, kunalokho uzovotela iqembu elisha loMkhonto Wesizwe.

Okokuqala okufike kwadida abantu kwaletha nongabazane ukuthi uZuma uzwakale ethi angeke esule eqenjini leANC ngoba useyilungu layo,kodwa futhi noma kunjalo waqhubeka enxenxa abantu ukuthi bangalinge bavotele iANC.

Lokhu kudideka kubonakala ngokusobala ngisho nasezinkundleni zokuxhumana lapho abantu bezwakalisa imibono yabo njengalombono ocashunwe kwelinye lamakhasi kuFacebook.

“Sekuyaqala kuyavela ukuthi iMK kuseyi ANC kuzofunwa amavoti ukuze i ANC ingaphumi emandleni ngonyaka ozayo

Enkulumeni kanobhalajikele we MK izolo ukuveze kwasobala ukuthi bona njengabaholi be MK basengamalunga ka ANC. Futhi uthi abanye abaholi be MK banezikhundla abanazo abazithola ngenxa yamavoti e ANC. Uphinde wathi inhloso yokusungulwa kwe MK ukuvuselela iqembu le ANC ukuthi liphinde liqine lingashabalali ngakhoke angeke belishiye iqebu le ANC

Kuzokhumbuleka ukuthi noZuma wabeka kanjalo ukuthi uyofela kuyi ANC akasoze asula kuyona futhi ufuna ukuyivuselela”. Kusho umbono.

Nokho abantu abayi ngenxanye bengemanzi,njengoba kunabanye ababona ukuthi uZuma uzamela isisu sakhe kanye nomndeni wakhe ukuze izingane zakhe zingaphunyukwa iqatha emlonyeni noma yena engasekho, lapha kukhulunywa ngoDuduzane kanye noDuduzile.

Iqembu leAfrican National Congress Kwazulu-Natali lithe “Lowo owabe enguMengameli uJacob Zuma kuyafana nokuthi uzifakele yena amaphepha esahlukaniso ngokuthi amemezele ukuthi angeke akhankase noma avotele iqembu leANC”.

Sengiphetha iqembu loMkhonto Wesizwe lona libonakala likhula ngokwezibalo zamalunga alo ezingxenyeni eziningi zezifundazwe. Lokhu okushiya umbuzo wokuthi kazi iyozala nkomoni njengoba noMengameli weANC uMnu Cyril Ramaphosa ezwakalise ukuthi abanalo neze uvalo nge MK. Lokhu ekusho ngesikhathi ethula inkulumo yeManifesto yeqembu leANC kusabhekwe okhethweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *