SHEILA MHLONGO
UDktl. Nkosazane Dlamini –Zuma oyilunga lephalamende kuleli, futhi onguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli wakuleli, ophethe umnyango waBantu Besifazane,Intsha,kanye naBakhubazekile, usebhalele ihhovisi le ANC ebika ukuthi usethatha umhlalaphansi.
Kuzokhumbuleka ukuthi UDktl. Dlamini- Zuma usebe ngomunye wezingqalabutho zamalunga ephalamende likazwelonke kusukela ngonyaka ka 1994, emva kokhetho lokuqala lentando yeningi, ebelokhu eqokelwa ohlwini lwamalunga ekhabinethi likahulumeni onganyelwe iqembu le-ANC.
Encwadini yakhe ayibhelele uMnu Kgalema Montlanthe onguSihlalo wekomidi elengemele ukhetho kwi-ANC uzwakalise ukuthi angeke asabuyela ephalamende kulelihlandla lika 2024.
“Ngiyabonga kakhulu ukungethemba okukhonjiswe amagatsha aphinde angiqoka ukuthi ngibe sohlwini lukazwelonke lwe-ANC lonyaka ka 2024. Ngiyazithoba kakhulu ngibonga kubo bonke ubuholi be-African National Congress, kusukela kuzwelonke,ezifundazweni, ezifundeni, kanye nasemazingeni amagatsha, ngokunginika ithuba kanye nokungeseka ukuthi ngisebenzele izwe, kanye nabantu baseNingizimu Afrika njengelunga lekhabinethi kusukela ngonyaka ka 1994”.
Ngibonga futhi nakubo bonke oMengameli beANC engisebenze ngaphansi kwabo njengelungu lesigungu esiphezulu. Ngiyabonga kakhulu nethuba engalinikwa ukuthi ngibe umuntu wesifazane wokuqala ukuba uSihlalo we African Union Commission kuzwekazi laseAfrika”. Angeke kusaba khona isidingo sokuthi ngibe sohlwini lwenhlolovo (interview) ka 2024 njengoba sengithathe isinqumo sokuthi ngithathe umhlalaphansi ekubeni ilunga lePhalamende laseNingizimu Afrika:. Kuphetha uDlamini-Zuma