UDokotela Mbongeni Ngema uhlonishwe ngenoni elisezingeni eliphezulu.

AmaCiko enandisa enkonzweni yesikhumbuzo sika Dktl. Mgongeni Ngema eyabe ibanjelwe ePlayhouse- ISITHOMBE SABELO NGEMA-NUZ MEDIA

SIFISO CELE

Amaciko namagagu atheleke ngobuningi bawo eDurban Playhouse ngoLwesithathu lomhlaka 3 Januwari ukuzobhonga emswaneni emva kokudlula emhlabeni kwenkakha yemidlalo yeshashalazi uDokotela Mbongeni Ngema. Amaciko abeqhamuka zinkalo zonke zalelizwe nasemazweni angaphandle adele isikhathi samaholidi nemindeni alibangisa eThekwini ukuze ezozwakalisa ilaka lawo ethule nemiyalezo yokubonga koka S’thenjwa ngamagalelo akhe aphathekayo kulendima yezobuciko.

Inkonzo yesikhumbuzo ivulwe ngolozolo lomculo ocashunwe emisebenzini yakhe eminingi ayenzile uMuji ngaphambi kokudlula emhlabeni. Bekudidiyelwe amaciko aqhamuka kuyo yonke lemidlalo kusukela aqala ukukhiqiza imidlala yeshashalazi, esingabala kuyo nemidlalo eyashisa izikhotha enjengo The Zulu; Woza Albert; Sarafina okuwumdlalo owaguqulelwa ekubeni yibhayisikobho waphinde wahambela naphesheya eBroadway.

Emacikweni ashiyelene inkundla ePlayhouse, singabala oMfiliseni Magubane; Khanyo Maphumulo; Faca Khulu; Sonto; Baby Cele nabanye. Bonke laba sebezakhele amagama abo kwezikaqedisizungu kuleli naphesheya kwezilwandle emva kokuthi bavundululwa baqeqeshwa baphinde basebenza naye uMbongeni Ngema.

UDokotela Ngema udlule emhlabebeni zingamashumi amabili nesikhombisa kuZibandlela kulonyaka ofile esehlakalweni sengozi yemoto esenzeka eMbizana esifundazweni iMpumalanga Kapa. UNgema kanye nababe naye kulemoto baphuthunyiswa esibhedlela nokwathi ekufikeni kwabo esibhedlela kwasekumenela njalo uNgema ngenxa yamanxeba  ayewathole kulengozi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *