SHEILA MHLONGO
IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali selikhiphe isitatimende esihlaba isenzo sokusabalaliswa komyalezo wokucwaswa kwabantu besifazane ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kuza emuva kokuthi
Abezinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane zibhalele lona ihhovisi likaNdunankulu likhalaza ngesenzo sowesilisa odumile kodwa langaliveza igama lakhe.
Siqhuba isitatimende sithi, uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube- Ncube useyalele iHhovisi eliphethe izindaba zabantu Besifazane (Office on the Status of Women) ukuthi liphenye ngalezi zinsolo eziqukethwe encwadini ethunyelwe ehhovisi lakhe.
Ngokwesitatimende sithi loludaba luzobhekisiswa kabanzi kuxoxiswane nababhali bencwadi yesikhalazo kanye nalabo abathintekayo kulo udaba ukuze kutholakale isithombe esiphelele somsuka walenkinga.
Nokho uNdunankulu ngokwakhe uzwakalise ukusihlaba isenzo sokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nalabo abangakwazi ukuzivikela okungaba izenzo zodlame, noma zokwehlisa isithunzi sabantu besifazane njengoba kuchaziwe encwadini.
Nakuba uNdunankulu ngokuyalelwa uMthethosisekelo kumele aphromothe amalungelo abantu kanye nelungelo lokukhuluma ngenkululeko okuhambisana nelungelo lokuhlonipha isithunzi somuntu, kodwa futhi lokho okungasho ukuthi umuntu angaba nelungelo lokukhuluma noma kanjani ngaphandle kokuqaphela uMthethosisekelo wezwe.
Okungakho kubalulekile ukuthi nakuba wonke umuntu ngokoMthethosisekelo enelungelo lokukhuluma ngenkululeko kodwa umuntu kumele akwenze lokho ngaphandle kokuhlukumeza ilungelo lomunye umuntu.
Okwamanje kunomyalelo wokubhekisisa loludaba, kodwa, ihhovisi likaNdunankulu linombono wokuthi loludaba luphathwe ngokucophelela ngesikhathi lisahlela ukuthi kube nenkulumo ngxoxo lapho zonke izinhlangothi ezithintekayo ziyothola ithuba lokuthi zibonisane ngaloludaba kanye nokunye okuhlobene nalokhu.
Kodwa okwamanje iHhovisi likaNdunankulu linxusa bonke labo abathintekayo kulokudaba kanye nomphakathi wonkana ukuthi uyeke ukujikijelana ngemiyalezo enohlevane ezinkundleni zokuxhumana, ngoba lokho kungadala ukubhebhethekisa isimo ukuthi sibe sibi kakhulu.
Siphetha isitatimende sithi iHhovisi likaNdunankulu lithanda ukunxusa wonke amalunga omphakathi ukuthi abumbane ekulweni nesihlava sezenzo zokuhlukumeza ngokobulili, kanti kunxuswa bonke abantu besilisa nabesifazane abathanda uxolo ukuthi baqinise umkhankaso wabo wokulwisana nezenzo zokuhlukumeza ngokobulili,njengoba ukuhlukumeza ngokobulili kuyisihlava esibi okumele kuliwe nakho izinsuku enzingu 365.