LONDIWE MTHETHWA
Akakholwa umfundi obaqwaqwade emakhanda,waphasa ngamalengiso eNtshisekelo Secondary School,eNanda enyakatho yeTheku.ULwazi Ndimande(18) obengumfundi webanga le-12 ,uchazwe njengomfundi ozimisele nobezinikele emsebenzini wakhe weskole.
Lomfundi uthole o A abahlanu;Isizulu HL,English FAL,Life Orientation,Geography kanye ne Life sciences.
ULwazi uthi ubengayilindele neze imiphumela enjengale ayitholile,ngoba kusukela ebangeni le-8 ubenenkinga esifundweni i Maths Kodwa lokho akumenzanga waphosa ithawula ,Kodwa kwamgqugquzela ukuba anyuse amasokisi.
“Ngiyajabula kakhulu ngemiphumela engiytholile noma ibingaphezulu kwebengiyilindele.ngithanda ukubonga kumndeni wami ongesekile kanye nothisha bami abangenze ngaba yilo muntu engiwuye Namuhla.”Kusho uLwazi.
Unina ka Lwazi,uNksz Zipho Ndimande uveze enkulu injabulo nokuziqhenya ngokuphumela kwendodana yakhe.
“Ngijabule kakhulu nje Nkosi,angazinokuthi ngithini.kakhulukazi njengoba bengimbona ukuthi besebenza kanzima kanjani.”Kuchaza uNksz Ndimande.
UNkkz Ntanzi,uThishanhloko wesikole uthe ubonga kothisha nabazali ekulekeleleni abafundi ukuthola lemiphumela nomanje ingafikanga lapho bebefisa khona.
Uqhubeke wachaza uLwazi njengomfundi obezimisele kusukela ekuqaleni nobengasali uma kuklonyeliswa abenze kahle phakathi nonyaka.
ULwazi uthe ezinhlelweni zekusasa lakhe,ufisa ukwenza izifundo ze clinical Technology noma I medicine.