Akazisoli ngokubuyela eskoleni esemdala owesifazane ophase ngamalengiso

Londiwe Mthethwa

Akazisoli ngokubuyela eskoleni esemdala owesfazane wase Mandeni.USimlindele Shabane(25) waphothula umatikuketsheni wakhe wokuqala ngo 2016,e Phoenix Technical School.Lowo angazange aphumelele kuwo,wase ethatha isinqumo sokwenza kabusha umatikuletsheni wakhe k ngo 2023 eLambothi high school,eMandeni. lapho ephase ngamalengiso wathola no distinction ababili.

USimlindile uthi zibeziningi izinkinga abhekane nazo emva kokuba engaphumelelanga ku matric wakhe wokuqala.Ngonyaka olandelayo wazama ukubhala ama Supplementary exams kwabuya imiphumela efanayo.

Uthi ngonyaka Ka 2019 wathatha isnqumo sokuya e Swinton College,Lapho enza khona I Mechanical engineering kodwa ngenxa yezinkinga abhekana nazo wayeka phakathi nonyaka.Emva kwalapho waqala ukwenza ubuhlalu,noma kunjalo wabona ukuthi uyadinga ukuba nokuphathekayo kwemfundo ezandleni.

Ngo 2023 uthathe isinqumo sokuphindela eskoleni ngenhloso yokuthi enze kangcono alandele amaphupho akhe.

“Ngijabule kakhulu ngokuphasa kwami Kodwa ngisebenze kanzima nangokuzikhandla ukuze ngithole lemiphumela.Ngiyaziqhenya ngami.Ukukhula ngingenabazali yikho okungigqugquzele ukuthi ngibuyele eskoleni ukuze ngizozimela.”Kusho uSimlindile.

Uqhube wathi unxusa intsha esesimweni esifana nesakhe ukuba ibuyele esikoleni ukuze ikusasa labo liqhakaze.Futhi inganaki abantu ukuthi bazothini.

USimlindile uthe ufisa ukuba ngumthungi wengqephu,futhi useqalile nokwenza ubuhlalu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *