LONDIWE MTHETHWA
Uyaphuphuma injabulo umfundi ka Matikuletsheni owenze kahle kuleli banga,uNoxolo Ngubeni (18)obefunda e Colenso Combined School eColenso, eMnambithi.
UNoxolo uthe unyaka wakhe wokugcina ubungelula neze njengoba lapha ehlala khona bekunezinkinga zika gesi.kanti futhi iskole ebefunda kuso bekuyibanga elide ukuthi afinyelele kuso nobekumphoqa ukuba avuke kusempondozankomo alungisele ukuya khona kwazise ubengenayo nemali yokugibela.
“Yo! Ngijabule kakhulu ngibona imiphumela yami.Ngibonga uthixo ukungithwala ngize ngifike la,kanye ne qhawekazi lami umama wami obengipatanisela kuhlangane.Bekunzima kakhulu nobaba lapho ngimdinga khona kakhulu ubengekho.kodwa ngijabule ngoba noma umama eyedwa ungisekile ngaze ngafinyelela la,” Kusho uNoxolo.
Lomfundi uphase ngohlamvu B.wabe esethola o distinction abahlanu kulezifundi;Isizulu home language, Economics, Maths Lit, Business studies kanye ne Life orientation.
Unina Ka Noxolo,uNksz Nonkululeko Ngubeni uthe uzwa kufika izinyembezi uma ecabanga ngokufunda nokukhula kanzima kuka Noxolo.
“Ngijabule kakhulu ngomntanami bekungekho lula neze.emva kokhuthola imiphumela yakhe ka term 1, uke wagula kakhulu kwaze kwagula nami enhlizweni Kodwa ulwile kunjalo wonke ama term with flying colours kwaze kwaba imanje ngiyabonga kuNkulunkulu. Ngifisa nokuthi ngingathola uxhaso lokuthi aqhubeke ngoba anginalutho.” Kusho u Nksz Ngubeni.
UNoxolo uthe ufisa ukuba ngu Mmeli nokuyingakho efake iscelo sokufundela iBachelor of Laws e UKZN.Ngenhlanhla uphenduliwe basamukele isicelo sakhe.
UNoxolo ubonga kakhulu othisha bakhe abenze konke lokhu kwayimpumelelo,ubese enxusa abafundi abenza u Matric kulonyaka ukuba bazimisele futhi bazinikele emsebenzini wabo weskole futhi babeke eceleni izinto ezingaba yiziphazamiso.