Londiwe Mthethwa
Kubukeka sengathi lizofezeka iphupho lomfundi obaqwaqwade emakhanda,waphasa ngamalengiso.Njengoba samukelwe iscelo sakhe sokwenza I medicine eUKZN.USihle “Njulazihlangene” Magubane (18)obefunda eskoleni iMshweshwe High School,Ezinqoleni,eningizimu ye KwaZulu-Natal
USihle uqophe umlando ngokuthola o distinctions kuzo zonke izifundo zakhe eziyisikhombisa,kubalwa ne Maths kanye ne Physics.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngemiphumela yami.Indlela yokuziphatha kanye nokuphilisana kahle nabanye abantu yikho okungifikise lapha. ukuthi noma ngizama ezifundweni kodwa angikho ngcono sonke sisezingeni elifanayo. Oclassmates baze bangiqamba ngo ‘Njulazihlangene” ngenxa yendlela ebengiphilisana kahle ngayo nabo.”Kusho uMagubane.
Uqhubeke wathi ubonga kakhulu umndeni wakhe obekade umeseka kanye nabothisha abemesekile ngisho abebengamfundisi imbala.
“Engingakusho kumfundi ofunda u matric kulonyaka ,ngingathi akazimisele kuzo zonke izifundo zakhe akhumbule ukuthi yonke into ayenzayo izoba nomvuzo kwimiphumela yakhe.”Kusho UMagubane.
Enkulumeni yakhe uthe bekunzima ukuthi abhalansise eskoleni kanye nokunye okuseceleni ebethanda ukukwenza.
USihle uthe uyathanda ukusiza abantu ingakho efisa ukuba ngu dokotela..