SHEILA MHLONGO
Kuqopheke umlando umatikuletsheni ka 2023 ngokuthola izinga lokuphasa eliphezulu ngamaphesenti angu 82.9%. okube izinga eliphezulu kakhulu emlandweni wakuleli ngaphansi kwe National Senior Certificate(NSC) .Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo emaBangeni Aphansi, uNkk Angie Motsekga, ememezela imiphumela ngoLwesine lomhlaka 18 Januwari, emcimbini obubanjelwe eGauteng lapho kade ehhlengene nabafundi abaphume phambili abebevela ezifundazweni ezahlukene kuleli.
Ememezela imiphumela kamatikuletsheni uNgqongqoshe uMotsekga uveze ukuthi kubafundi ababalelwa ku 890,000 ababhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka kumatikuletsheni bangu 572,983 abaphasile umatikuletsheni, okube isibalo esiphezulu kakhulu emlandweni wakuleli ngokwamaphesenti uma kuqhathaniswa nekilasi lika 2021-2022.
Imiphumela kamatikuletsheni ngokwezifundazwe ikhombise ukwenyuka kunemiphumela ka 2022 kanti ime kanjena:
- Kwesase-Free State sihambe phambili ngamaphesenti angu 89.0%
- KwaZulu-Natali kube- 86.4%
- Gauteng kube- 85.4%
- North West kube – 81.6%
- Western Cape kube- 81.5%
- Eastern Cape kube – 81.5%
- Limpompo kube – 79,5%
- Mpumalanga kube – 77.0%
- Northern Cape kube – 75.8%
Ngaphezu kwalemiphumela emihle umatikuletsheni ka 2023 uzuze iBachelor pass esezingeni eliphezulu ngamaphesenti angu 40.9%, lokhu okwenza abafundi bakwazi ukufaka izicelo ze Bachelors degree emanyuvesi.
Kwaba u27.2% wabathole iDiploma pass, abe Higher Certificate bangu 14.8%, kuthi abe National Senior Certificat baku 0.01%.