UMhleli wephephandaba iKZN Namuhla ubonga ithuba lokuqokwa koweMzansi Community Media and Creative Awards

MARATHON MAGOSO

UMhleli wephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla,uNksz. Sheila Mhlongo ubonga abahleli boMzansi Community Media and Creative Awards ngokuvula ithuba lokuthi aqokwe ilabo ababone ukubaluleka kweqhaza lakhe emphakathini kanye nasendimeni yabezindaba zomphakathi.

“Ngibonga kakhulu kumsunguli weMzansi Community Media and Creative Awards uNksz. Zinhle Cebekhulu ngokuqhamuka nento enhle kangaka. Sengineminyaka ebalelwa ku 25 ngasungula iphephandaba iKZN Namuhla kodwa angikaze ngilithole ithuba elifana naleli lokuthi nami ngike ngihlonishwe ngamagalelo ami emphakathini”. Kusho uMhleli uSheila Mhlongo.

Eqhuba uMhleli uthi uyabonga nakubalandeli bakhe ababone ukuthi ufanele ukuqokwa ukuze naye angenele ukuvotelwa kuma Awards eMzansi.

“Impela ngimangele ukuthi kunabantu abaningi kangaka abangiqokele imikhakha emihlanu yonke ngingedwa, maye! Ngiyabonga kakhulu futhi angikholwa indlela abantu abakhombise ukuthakasela ngayo imisebenzi yami kodwa mina ngibe nginganakile”.Kuchaza uMhleli ezwakala emangele.

Eqhuba UMhleli uthe ucela ukunxenxa abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ezahlukeni okubalwa uFacebook, What’s App kanye nakwezinye izindawo ukuthi bamvotele njengoba sekuqalile uhlelo lokuvota kusukela ngomhlaka 20 Januwai  okuyoze kuphothulwe ngomhlaka 31 Mashi 2024.

“Ngiqokelwe imikhakha emihlanu yonke eyahlukene ngakho ngicela abalandeli bami ukuthi bangivotela ngokwehluka kwayo, okubalwa: Best Editor, Best Publisher, Best Layout, Best Advert newspaper, kanye nowe, Best front page”. Kucacisa uMhleli.

Kulabo abanothando lokuvota bayacelwa benze kanjena kuyoyonke imikhakha:

  1. BEST EDITOR – SMS: 45633 –CODE:099
  2. BEST PUBLISHER –  SMS: 45633 – CODE: 0011
  3. BEST LAY-OUT PUBLICATION – SMS: 45633 – CODE:045
  4. BEST FRONT PAGE PUBLICATION-SMS: 45633 – CODE:0301
  5. BEST ADVERTISER FINALIST- SMS:45633 – CODE:092

Ephetha uMhleli uthe kuyomjabulisa ukuthi ekugcineni aphumelele kuyo yonke lemikhakha. Ngoba lokho kobe kusho lukhulu kuyena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *