Sanbonani bantu bakithi onyakeni omusha . Nawumyalezo omfishane unyaka uqala engifise ukuthi ukunipha wona . Yonke into inesiqalo ayiveli ngobuhle ekugcineni kodwa iqala isetshenzwe ekuqaleni . Unyaka usaqala kanje asiwubambeni ngezandla zombili sisebenze kanzima futhi sihlakaniphe ukuze siyobona imiphumela ekupheleni kwawo . Masiyibambeni zisasuka nje , masibhaleni phansi izinto esifisa ukuzenza kulonyaka bese siyaqala ukuzisebenza futhi sibe nobuchule bokubona izimpazamo ezingasivimba sizizibe ukuze siyibone impumelelo yemisebenzi yethu .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare