UMbalenhle P Mthethwa ongumsakazi kwisiteshi Ikhwezi Radio, uthi uqale ukuba nothando
lwe-Radio ngo 1997 esafunda ibanga -5.
“ngikhumbula uthisha owayesifundisa iGeography esibuza eklasini ngahluka ngedwa ngathi
mina ngifuna ukuba ngumsakazi, ngalesosikhathi ngangithi (I want to be a radio announcer)
ngenhlanhla ngakhula nalo uthando lokuba ngumsakazi kanti uNkulunkulu uzowenza umusa
safezeka isifiso sami.
Ngonyaka ka 2009 ngaqala emsakazweni iKhwezi FM njenge Receptionist ngasebenza nase
musicl library ngaphakathi esiteshini ngaleyominyaka kwakukhona izinhlelo zabasha
ezazibizwa ngokuthi Ikusasa lethu ngangenza zona, ngaya ngokuya nganikezwa uhlelo
lwantambama olwaluba ngu 30mins ngenzisa imikhonzo ngifunda namakhadi kwathi ngo
2010 yilapho ngaqala khona ukunikezwa uhlelo lwasemini olwalungena kusuka
ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu lubizwa ngokuthi ezomame (womens desk) kanjalo
ngingena nangezimpelasonto.
Kusuka ngoJuly 2019 ngangena ngezimpelasonto kuphela kwaze kwaba ngu 2023 September
ngabuyela khona Emini ngenza uhlelo oluthi Sinethezeka neKhwezi, uhlelo engilwenzayo
luhlanganise abesifazane nabesilisa ndawonye kulowo onomzwangedwa njengoba sazi
ukuthi abantu abaningi basuke besemsebenzini abanye besele emakhaya kodwa liyakwazi
ukubanothisa bobabili lababantu.
Kuningi esikwenzayo kuloluhlelo ngoba luhlanganisa ulwazi olwenzeka eSouth Africa,
sibheka abakhubazekile, ezithinta izimpilo zabantu, sibe nosonhlalakahle, mese kuba
izibiliboco ezithokozisa abantu emakhaya, liyaluleka kokukamoya kuningi okwenzeka
kulona olwakha umphakathi.
Ukulalela uhlelo ungakwazi ukulalela Ikhwezi FM 90.5 & 107.7 , uma usenzindaweni
eziphakathi nesifundazwe, kanti ungalalela nange streaming www.khwezi.org.za