Izisebenzi zikaMasipala weTheku ziqhube umkhankaso we Operation Good Hope eMlazi

SHEILA MHLONGO

Kusaqhubeka ukuthuthukiswa nokubekwa eqhulwini ukulethwa kwezidingongqangi eThekwini. Ithimba lomkhankaso we-Operation Good Hope elihlanganisa izinhlaka ezahlukene belisanda kuvakashela esigcemeni sakwa-H eMlazi ukuzobhekana nezinselelo zakule ndawo. Ziningi izindaba ezidingidiwe zokulethwa kwezidingongqangi ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso obuhlanganisa nokukhuculula izindawo obekulahlwa kuzona ngokungemthetho. Kunxuswa izakhamizi nezivakashi ukuthi zigweme ukulahla udoti ngokungemthetho. zingaphinde zibike ngalokhu ku-031 311 8804 noma bathumele i-email ku-dsw@durban.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *