Oqokelwe kwesobuNdunankulu kaZulu wethule inqubomgomo yokusebenza kwehhovisi lakhe

ZETHU PHOSWA

Osanda kuqokelwa kwesobuNdunakulu kaZulu uMntwana uThulasizwe Buthelezi, wethule ngokusemthethweni umhlahlandlela

nenqubomgomo yokusebenza kwehhovisi

lakhe, esithangamini nabezindaba  kwelinye lama hhotela agudle ulwandle eThekwini.

Ethula inkulumo yakhe uMntwana uButhelezi kulesi sithangami uchaze indlela ihhovisi lakhe elizosebenza ngayo, lokhu okuyizinkomba zokuthi nakuba kunezivunguvungu mayelana nokuqokwa kwakhe, kulesikhundla sobuNdunankulu kaZulu, kodwa yena uyayibona indlela ebheke phambili.

“ISilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithi, sesikhiphe

izinhlelo zokusebenza kwehhovisi likaNdunankulu

kaZulu. Kanti siphinde sabalula ukuthi ukuqokwa

kukaNdunankulu kaZulu kubonakala kuzodala

uzinzo, nokubambisana  eNdlunkulu kaZulu

nasesizweni sonkana,” kubeka uMntwana Buthelezi.

Uphinde waveza ukuthi iSilo esibusayo

sikucacisile ukuthi unyaka ka-2024, siwuthatha

njengonyaka wezithelo, zokuvuselela intshisekelo

kaZulu kanye nesithunzi sikaZulu.

“Imisebenzi esimemezelwe yiSilo uMisuzulu

kaZwelithini, ezosingathwa ihhovisi

likaNdunankulu kaZulu, okubalwa owekwembulwa

kwetshe leSilo esibuzile ngonyaka ofile mhla li-12 Mashi kulo nyaka. Mhla

zingama-27 kuEphreli kuvuselelwe itshe leLembe.

Kuzokwenziwa inkonzo kalowo

owayenguNdunankulu kaZulu uDkt Mangosuthu

Buthelezi, okunguyena okhonze isikhathi eside

kulesi sikhundla, njengoba ekhonze kwiZilo

ezintathu ,” kubeka uMntwana

Sokalisa.

Ngesikhathi ebize lesi sithangami

bekunokuqagela, kokuthi kungenzeka ukuthi

uzokwesula kulesi sikhundla, njengoba imikhonto

yamazwi ize njengemvula, ngemuva kokuqokwa

kwakhe, kulandela imvunge eqhamuke kwabanye

baseNdlunkulu kaZulu, emndenini kalowo obeNdunankulu kaZulu osekhotheme nakwezinye izinhlaka.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMntwana Thulasizwe

Buthelezi usengumacekeceke kulesi sikhundla,

njengoba eqokwe  iSilo Samabandla uMisuzulu

kaZwelithini, ngesikhathi kukhunjulwa impi

yaseSandlwane eyabe iphakathi kukaZulu

namaNgisi mhla ziyi-27 kuMasingana.

Kanti futhi ukuqokwa kwakhe kuqede ukuqagela obekukhona njengoba kube nezinsolo zokuthi kungase kuqokwe lowo oyindodana yoMntwana waKwaphindangene,

uMntwana uZuzifa Buthelezi.

Ukweseka umbono waso Isilo sokuqoka

uNdunankulu kaZulu sithe, uButhelezi usebenze

kahle kakhulu neSilo uGoodwill kaBhekuzulu

ngesikhathi esaphila.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *