LONDIWE MTHETHWA
Ufuna ubulungiswa umndeni wowesifazane wakwaMashu owatholakala eseshonile endaweni yokulala iLogde eku Varsity Drive,e Resevoir Hills,emva kokuba behambe eyohlangana nomlisa thizeni.
Umufi uNksz Funeka Mthiyane(23) kuthiwa waphuma ekhaya eyohlangana nowesilisa ngesonto eledlule.Watholakala eseshonile ngakusasa.
Lona wesifazane kuthiwa isidumbu sakhe sasigoqwe ngamashidi amhlophe siphuma igazi ngamakhala.
Ongudadewabo kamufi Masisi Mbatha(25) uzwakalise okukhulu ukudumala mayelana nokushona kuka dadewabo.
“Sifuna ubulungiswa, siifisa atholakale umenzi wobubi.Udadewethu ubesemncane kakhulu ukuthi ngabe usesishiyile ikakhulukazi ngendlela engaqondakali ekwenzeke ngayo.”Kusho uMasisi.
Umufi kuthiwa wabuya emsebenzini wakhumula impahla yomsebenzi wagqoka waconsa ezoyobona lomlisa.Loku kwenzeka ngezikhathi zabo 10:30 ngebhadi akabange esabuya ngakusasa.
Umlisa lona kuthiwa wabonakala ephuma yedwa kwiLodge, mabembuza ukuthi uphi abehamba naye wathi usele ngaphakathi egumbini kodwa uyalandela.Kuthiwa abahlanza izindlu bamthola ngakusasa eseshonile owesifazane.
Kanti uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uFuneka nguye owabhukha amahora amabili .Imbangela yokufa ayikatholakali.Ividiyo yamaKhamera itholakela kodwa inkinga akabonakali kahle umlisa lo ebusweni.