Umunyu kushona owesilisa ogwazwe yisoka lentombi yakhe

LONDIWE MTHETHWA

Usakhungathekile umndeni wowesilisa(23) wase Zingolweni,eNingizimu ne Kwa-Zulu Natal ogwazwe obeyisoka lentombi yakhe washona ngoLwesithathu lomhlaka 14 Febhuwari  okuwusuku  lwe Valentine’s Day.

USbusiso Nxumalo ubeyovakashela intombi yakhe ngenhloso yokubungaza lolusuku lwe valentine kwaShobashobane, ngesikhathi efica intombi yakhe ihleli nelinye isoka layo nokuyilapho kusuke khona udweshu kwaba nokuphikisana kwase kugwazwa umufi washonela khona esigamekweni.

UMamncane  ka mufi u Zinhle  uthe umndeni wonke usashaqekile ngalesigameko esenzekile.

“Angazi ngithini njengamanje kodwa ibuhlungu inhliziyo yami.ubesemncane kakhulu kuningi ebesikulindele kuye.sengathi angabanjwa aboshwe owenze lokhu,”Kusho uMamncane

Uqhubeke wachaza umufi njengomuntu obethanda kakhulu ukuhleka futhi obenomusa.

Ongudadewabo mufi naye uchaze umufi njengomuntu obengathandi ukukhuluma.

“Siyafisa ukumuthola lomfana obulele umfowethu.Lomfana ubesemncane kakhulu sengathi angatholakala umbulali agwetshe udilikajele.”Kuchaza udadewabo.

Ilunga lomphakathi ebelikhona esigamekweni lithe kube yinto embi kakhulu ukuyibona futhi ivuse umunyu kubo ikakhulukazi ngoba bezele izingane zabafana.

Umsolwa kuthiwa usagcwele izinkalo akaziwa kanye nentombi nayo ayaziwa. Umndeni womufi unxenxa nomangabe ubani onolwazi lokuthi ngabe bakuphi laba ababili ubazise.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *