LONDIWE MTHETHWA
Usakhungathekile umndeni wowesilisa(23) wase Zingolweni,eNingizimu ne Kwa-Zulu Natal ogwazwe obeyisoka lentombi yakhe washona ngoLwesithathu lomhlaka 14 Febhuwari okuwusuku lwe Valentine’s Day.
USbusiso Nxumalo ubeyovakashela intombi yakhe ngenhloso yokubungaza lolusuku lwe valentine kwaShobashobane, ngesikhathi efica intombi yakhe ihleli nelinye isoka layo nokuyilapho kusuke khona udweshu kwaba nokuphikisana kwase kugwazwa umufi washonela khona esigamekweni.
UMamncane ka mufi u Zinhle uthe umndeni wonke usashaqekile ngalesigameko esenzekile.
“Angazi ngithini njengamanje kodwa ibuhlungu inhliziyo yami.ubesemncane kakhulu kuningi ebesikulindele kuye.sengathi angabanjwa aboshwe owenze lokhu,”Kusho uMamncane
Uqhubeke wachaza umufi njengomuntu obethanda kakhulu ukuhleka futhi obenomusa.
Ongudadewabo mufi naye uchaze umufi njengomuntu obengathandi ukukhuluma.
“Siyafisa ukumuthola lomfana obulele umfowethu.Lomfana ubesemncane kakhulu sengathi angatholakala umbulali agwetshe udilikajele.”Kuchaza udadewabo.
Ilunga lomphakathi ebelikhona esigamekweni lithe kube yinto embi kakhulu ukuyibona futhi ivuse umunyu kubo ikakhulukazi ngoba bezele izingane zabafana.
Umsolwa kuthiwa usagcwele izinkalo akaziwa kanye nentombi nayo ayaziwa. Umndeni womufi unxenxa nomangabe ubani onolwazi lokuthi ngabe bakuphi laba ababili ubazise.