Masiwahloniphe amalunga ethu angasebenzi

Sanibonani bantu bakithi, unyaka uqala ngicela ukukhuthaza imindeni ukuthi mayiwabekezelele amalunga wayo angasebenzi ingabafakeli ingcindezi. Ayikho into enzima kulomhlaba njengokungasebenzi uyindoda ngoba kuphela nesithunzi ungabe usahlonishwa nezingane zikhulume nawe ngathi unguntanga wazo . 

Sizwe sakithi akekho ongakufuni ukusebenza ngaphandle kwalaba abawutholayo bawuyeke ngokwabo. Abanye bayazama kunzima akuvuleki . Uma sibacindezela emakhaya imicabango yokuthatha izimpilo zabo isheshe ifike ngoba bengasayiboni nento abayiphilelayo . Emasontweni adlule kunomlisa ozibulele eGoli ngenxa yokungawutholi umsebenzi unyaka wonke ophelile egxekwa nasekhaya ebizwa ngevila elingafuni kusebenza .

Ngiyazi akukho lula ukuthwala umuntu ongasebenzi kodwa uma kuyilunga lomndeni asilithwaleni noma kunzima silincedise ukuthola umsebenzi noma ukuthola ezinye izindlela zokwenza imali singaligxeki. Masibaphatheni kahle abangasebenzi emakhaya nabo basengabantu . 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *