UMengameli we ANC wethembise ukuthi basazoqhubeka nokwenza ngcono ezomnotho nasemuva kokhetho

UMengameli we-ANC uMnu Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yakhe kwi Mayihlome Rally eMoses Mabhida Stadium

SHEILA MHLONGO

UMengameli weAfrican National Congress (ANC) uMnu Cyril Ramaphosa wenze isethembiso sokuthi iqembu lakhe  lisethenjwa abantu bakuleli futhi bazoqhubeka nokwenza ngcono isimo sezomnotho ngisho eminyakeni emihlanu ezayo. Lokhu uRamaphosa ukusho ngesikhathi  ethula iManifesto yeANC phambi kwezihlwele ebezigcwele ziphuphuma eMoses Mabhida Stadium, eThekwini,ngoMgqibelo womhlaka 2 Febhuwari 2024.

“Abantu basalethemba iqembu leANC okungakho nangasemuva kokhetho oluyobe lungomhlaka 29 Meyi, sizoqhubeka nokwakha isisekelo seminyaka engamashumi amathathu (30) yonke edlule, futhi sizoqhubeka nokwenza ngcono izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika”. Kusho uMengameli uRamaphosa.

Eqhuba uRamaphosa uthembise ukuthi iqembu lakhe , kuleminyaka emihlanu ezayo lizoqhubeka nokuqinisa ukwenza izinto eziyisithupha ezibaluleke kakhulu ukuze kukhule umnotho ngaphansi kukahulumeni weANC.

“Lezizinto ezibalulekile kulindeleke ukuthi zidale amathuba emisebenzi ngenhloso yokuqeda inkinga enkulu yabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika. Lokhu siyokwenza ngokuthi sakhe izimboni, siqede izinga eliphezulu lezindleko zokuphila, siyotshala imali kubantu, siqhubeke nokwakha iAfrika engcono kanye nomhlaba ongcono, lokhu sokwenza ngokuvuselela kabusha izibopho ze-ANC.” Kusho uRamaphosa

Mayelana neqembu uMkhonto weSizwe uRamaphosa uthi akumthusi nakancane ukuthi azithole  encintisana nalowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma kulolukhetho oluzayo ngoba uyazi ukuthi abantu basayethemba i-ANC.

Eqhuba uthe ukubona abantu abaningi kangaka bebuthene enkundleni iMoses Mabhida kuyamjabulisa futhi namahlubuka kaANC nawo ashaywa uvalo uma ebona inkundla igcwele iphuphuma. “Labo abamatasa bekhankasela amanye amaqembu bayothola ukumangala ngoba sizoqhubeka nokubusa lapha KwaZulu-Natali ngisho emva kokhetho.” Kusho uRamaphosa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *