IPirates izodudulana ne Hungry Lions ku Nedbank last 16

SBU MAMBA

Ezimnyama  i-Orlando Pirates ziphinde zaba nenhlanhla yokutonyulwa neqembu elidlala esigabeni esiphansi (Motsepe Foundation) iHungry Lions. IPirates ithi izosivikela lesicoco esiwine  ngesizini edlule .

Umdlali we Orlando Pirates uThapelo Xoxi uthi bazodlala ngokuzimisela uma sebebhekene nalezinsizwa ze Lions kuNedbank Last 16 ,  Uthe ngeke balithathe kancane leliqembu ngoba umlando we Nedbank Cup ubafundisile ukuthi alikho iqembu elincane kulomqhudelwano , ofishi abancane bagwinya ofishi abakhulu.

Iqembu elincane lalapha KwaZulu Natal iMilford FC elidlala ku Motsepe Foundation lithuse abaningi ngenyanga edlule liqumba phansi izikhondlakhondla ze DSTV Premiership Amakhosi abafana bokuthula noxolo ezika Shintsha Guluva iKaizer Chefs beyikhipha kulendebe ye Nedbank.

Amanye amaqembu agijima ku DSTV abe nenhlanhla yokuqhathwa namaqembu adlala esigaben esiphansi ku last 16 yi Chippa United , TS Galaxy , Moroka Swallows kanye neStellenbosch

Imidlalo isiyonke imikanje :

 

NEDBANK CUP LAST 16

  • Milford FC v Stellenbosch FC
  • Mamelodi Sundowns v Maritzburg United
  • Sekhukhune United v AmaZulu FC

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *