Amaphoyisa athungatha umkhondo wezigilamkhuba ezidubule zabulala uXolani Chili

SHEIILA MHLONGO

Amaphoyisa asePinetown eThekwini athungatha umkhondo wezigilamkhuba ezidubule zabulala uMnu Xolani Chili waseNewGerman ntambama ngomhlaka 13 Febhuwari ezibuyela emsebenzini. Ngokusho kokhulumela umndeni uthi uXolani udutshulwe amahlandla ayishumi nesithupha (16) eduze nesango lomuzi wakhe, kwabe kuyamenela njalo waphelela khona lapho.

 Ngokusho kokhulumela umndeni uthi nakuba bengenawo umkhondo ukuthi ingabe ubani owenze lesihluku kwilunga lomndeni, kodwa lithi ngaphambi kokudutshulwa kwakhe uXolani uke wezwakalisa ukuthi sengathi kukhona abantu abamlandelayo lokhu okwenzeke amaviki amabili ngaphambi kokuthi abulawe.

UXolani ubengenazo izitha futhi engumuntu ozisebenzelayo enkampanini yezinsimbi zezimoto khona eNew Germany. Kanti ushiye emhlabeni umama wakhe nodadewabo, umkakhe kanye  nezingane zakhe. “Impela siyafisa ukuthi ingalo yomthetho idlale indima yayo iphenye kabanzi ngokufa kwelungu lomndeni wethu ngoba sibuhlungu kakhulu ngendlela abulawe ngayo.” kusho ilunga lomndeni.

 Ilunga lomndeni elikhulume neKZN Namuhla, lithe icala lokubulawa kuka Xolani livuliwe esiteshini samaPhoyisa ase Pinetown.

Ngesikhathi iphephandaba iKZN Namuhla lixhumana no Warrant Officer Mbambo okunguye ophethe icala uthe impela isigameko senzeka kanti necala livuliwe kusaphenywa nakuba ungakatholakali umkhondo wababulali.

 Echaza uMbambo mayelana nesigameko uthi umufi uXolani wayebuya emsebenzini ehamba ngemoto yakhe okuthe uma efika esangweni lomuzi wakhe esathi uvula isango kwaqhamuka abantu ababili behamba ngezinyawo bafike bavulela ngenhlamvu, kwabe kuyamenela njalo.

 Eqhuba uWarrant Officer uMbambo uthi lesigameko senzeke ngesikhathi esibi ngoba kwakune loadshedding ngezikhathi zehora lesihlanu kanti  namaCamera abe engasebenzi okwenza kube nzima ukubona abadubuli. Kanti labantu abadubula babaleka bangena emotweni thizeni nayo engabonakalanga.

 “Okwamanje asikabi nawo umkhondo wababulali kodwa uphenyo lona luyaqhubeka.” kuphetha uMphenyi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *