SHEILA MHLONGO
Uma ungumuntu onephupho lokuthi ngelinye ilanga uyeke ukubhema ugwayi kodwa wehluleka ngenxa yokujwayela, ungabe usakhathazeka ngoba manje inkampani ebizwa nge IQOS ILUMA South Afrika isiqhamuke negajethi ongakwazi ukuyisebenzisa uma uzwa ukuthi uqalekile ubheme ngayo.
Ngokusho kwalenkampani yakwa IQOS ILUMA legajethi isisize abantu abaningi ababalelwa ku 20.8million emhlabeni jikelele asebekwaze ukuhlukana nomkhuba wokubhema ngenxa yendlela eyakhiwe gayo legajethi yehlisa ukuqalekela inicotine lena okuyiyo edala ukuthi umuntu ahluleke ukuphila ngaphandle kokubhema. Kanti bangu 26 .6 million abasebenzisa legajethi emhlabeni.
IQOS ILUMA yethule legajethi esithangamini sabezindaba ebesimenywe uMphathi Jikelele we IQOS ILUMA South Afrika uPhillip Moris eCabo Beach Club eCapetown ngoLwesine lomhlaka 7 March 2024.
Lowo oyi PMSA Vise President ye Sub Saharan Africa uBrainslav Bibic uthe unesiqiniseko sokuthi iSouth Africa njengezwe lokuqala ukuthola legajethi akangabazi ukuthi sekuyisikhathi sokuthi abantu bakhona bemukele lelithuba elihle lokuphila ngaphandle kokubhema ugwayi njengoba kwethulwa le IQOS ILUMA . “ Nakuba bebaningi abazamayo ukuyeka ukubhema ugwayi kodwa iqiniso ukuthi iningi liyehluleka okungakho sethula lomkhiqizo ozosiza abantu ukuthi noma beqhubeka bebhema kodwa kwehle izinga lobungozi obudalwa iNicotine empilweni yomuntu.” kuchaza uBibic.