U-Menzi Ngcobo umethuli wezinhlo zezindaba ngaphansi omsakazo Khwezi FM kusukela ngonyaka ka2022 emva kokusebenza unyaka owodwa ngo2012. Uzalelwa KwaMashu eThwekeini ogwini lwesifundazwe kodwa inkaba yakhe iseNgudwini ngaphansi kwaseShowe. Uqede izifundo zakhe zobuntatheli ngonyaka ka2009 nokulapho waqala khona ukusebenza njengomfundi wezindaba kumsakazo oseThekwini iVIBE FM.
Njengamanje uNgcobo wethula wethula izinhlelo zezindaba eMsakazweni Ikhwezi FM, Ezasekuseni olungena ngo 05h30-06h30 kanye neZinohlonze ngo 13h05-13h40 kusukela ngomsombuluko kuya kulwesihlanu. Lezinhlelo zombili zisebenza ukuthulela umlaleli izindaba ezithinta umphakathi ezihlanganisa Inthuthuko yomphakathi, ezomnotho, ukufundisa ngezobusayensi kanye nezinye izinto eziningi ezithinta umphakathi.
Ngale kwalokho ubuye abeNgumsunguli kanye nomqondisi wenkampani Ulibo Legacy Media okuyinkampani ebhekelele ukuthuthukisa amaciko ngakwezokulingisa kanye nokuhlelwa kwemicimbi kanjalo nokubhalwa kanye nokuqoshwa kwemidlalo eyahlukene.
Into emenza abe uyena ukuthi uyabathanda abantu futhi uzama ngakho konke ukuthi asize lapha angasiza khona. Ungumuntu othanda izinselelo ngoba uyafunda kuzona. “Ngikhule ngibukela kubantu abaphile phambu kwami abafana no Xolani Gwala ongasekho, uZamambo Mkhize kanye noNambitha Mpumulwane”.
Ukulalela i-Radio Khwezi ungangena ku internet ulalele www.khwezi.org.za noma uma umaphakathi nesifundazwe ulalele ku 90.5 & 107 FM uthole khona ukondleka ngolwazi, ezemidlalo, ngomculo wokholo kanjalo nokudla komphefumulo ngezinsthumayelo.