Ngenxa yokuphazamiseka kokuqoqwa kukadoti okudalwe yisiteleka sabasebenzi esingekho emthethweni, uMasipala weTheku kuye kwadingeka ukuthi uze uvule izindawo zesikhashana zokulahla imfucuza ezibizwa ngama-landfill sites, ukuze umphakathi ukwazi ukulahla imfucuza kule ndawo mahhala.
Izakhamizi zizokwazi ukusebenzisa lezi zindawo kuze kube umsebenzi wokuqoqwa kukadoti usubuyele esimweni esejwayelekile. Amabhizinisi nawo avumelekile ukusebenzisa i Buffelsdraai kanye be Lovu landfill site.
Umphakathi ungasebenzisa lezi zindawo ezilandelayo:
1. I-Mariannhill Landfill Site – ku-1 Landfill Lane, eMariannhill
2. I-Bisasar Road Landfill Site – ku-1 Dhulam Road, eSpringfield
3. I-Buffelsdraai Landfill Site – ku-1 Buffelsdraai Lane, Iqadi Farm, eVerulam
4. ILovu Landfill Site – Off D982 Illovo Farm, eLower Illovo
Izikhathi zokusebenza ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu wu-7 ekuseni kuya ku-4:30 ntambama
NgoMgqibelo nangeSonto kuvulwa ngo-7 ekuseni kuya ku-3:30 ntambama.
UMasipala umatasatasa nomsebenzi wokuhlanza izindawo ezahlukahlukene.
Siyaxolisa ngalokhu kuphazamiseka futhi sicela izakhamizi zisibekezelele.