UTONGAAT HULETT UKHIPHE IMIFUNDAZE ELISHUMI (10) KUBAFUNDI ABAFUNDA IZIFUNDO EMKHAKHENI WOKUTSHALA UMOBA

Abafundi abangu-10 baklonyeliswe ngemifundaze  inkampani yakwa-Tongaat Hulett ukuze benze izifundo zabo emkhakheni wokutshala umoba kulonyaka mali 2024/25.

Abafundi abevile ku-50 asebehlomulile kuloluhlelo lwemifundaze oluqondene nabafundi abenza izifundo zezolimo kule minyaka eyikhombisa selokhu loluhlelo lwasungulwa.

U-Snethemba Kunene, uMphathi woMnyanyo wezentuthuko yomphakathi kwa-Tongaat Hulett uveze ukuthi ukubambisana kwenkampani nesikhungo sokufundela ezolimo esibizwa nge-Owen Sitole College of Agriculture kwenze ukuthi intsha eningi eqhamuka emiphakathini etshala umoba ikwazi ukuthola imifundaze iqhube izifundo zezolimo kulo leli kolishi elaziwa njengelihamba phambili kulezi zifundo

“Inhloso-ngqangi yokubambisana phakathi kuka-Tongaat Hulett kanye ne-Owen Sitole College of Agriculture ukulekelela ikolishi ukuthi libe nedumelo lokuba isikhungo esigogodile emkhakheni wokutshala umoba kusho uKunene.

Abalekelelwa ngalomfundaze kuba abafundi abanemiphumela emihle ngokwezemfundo; abafundi abakwazi ukusungulu izinhlelo ezintsha nezithuthukisa ikoloshi kanye nemiphakathi abaqhamuka kuyo; futhi kuba abafundi abanesibindi sokugqugquzela abanye ukuthi benze kahle ezifundweni zabo ukuze nabo bezoba sethubeni lokuqokelwa ukuthi babe yingxenye yalo mfundaze

U-Tongaat Hulett wasayinda isivumelwano sokusebenza ngokubambisana noMnyango weZolimi.  Lesi sivumelwano sokusebenzisana sinalezi zihloko ezilandelayo: imfundo nokuqeqesha; ukuthuthukiswa kwabayingxenye yohlelo; kanye nokudaba lwengqalasizinda

Bonke abafundi abangaphansi kohlelo lomfundaze bayalekelelwa futhi ukuthi babe yingxenye yoluhlelo lokufunda oluqhutshwa i-South African Sugarcane Research Institute olubizwa ngokuthi i-Senior Certificate Course in Sugarcane Agriculture.  Ngaphezu kwalokhu, u-Tongaat Hulett uphinde enze izincomo zokuthi abafundi abanemifundaze baphinde bahlelelwe amathuba okuthi kukhuliswe amakhono abo ngaphakathi enkampanini nakuma dlelandawonye enkampani okuhlanganisa abalimi

Kulonyaka u-Tongaat Hulett uzibophezele ekumukeleni nasekuqeqesheni abafundi abayisithupha ababizwa ngokuthi ama-agricultural interns.  Lolohlelo luyingxenye yesivumelwano u-Tongaat Hulett anaso no-AgriSETA

Ngaphambilini u-Tongaat Hulett uke wabeka eceleni imali elinganiselwa kwizigidi eziyisishiyagalombili ukuze kusungulwe uhlelo lokukhiqiza imbewu yomoba esebenzisana ne-Owen Sitole College of Agriculture.  Ngaloluhlelo inkampani yayizokwazi ukwedlulisela amakhono okutshala umoba kubafundi bezolimo ibe futhi inkampani ilekelela abalimi ukuthi bakwazi ukuthola imbewu eduze ngamanani angcono.

UKunene uthe “inkampani izimisele ukukhuthaza intuthuko kusetshenziswa ezolimo ezindaweni inkampani esebenza kuzo.  Inkampani iyakubona ukubaluleka kokwenza izindlela lapho abantwana abahlala ezindaweni zasemakhaya benakho ukufinyelela ekutholeni imfundo esezingeni. Ukusebenza ngokubambisana nezikhungo zezemfundo ikakhulukazi amakolishi ezolimo kuzolekelela inkampani ukuthi ikwazi ukungenelela kuzo izinhlelo ezihlonzwe nguHulumeni njengezibalulekile kuhlanganisa ukusungulwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nokuqeda ububha.

Issued on behalf of Tongaat Hulett by:

Yogin Devan

Meropa Communications

031-2010550 or 083 3263962

yogind@meropa.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *