Sanbonani bantu bakithi. Nango umlayezo ophuthumayo engicela ukunipha wona, kuhle ukuwavula amehlo akho ubone izitha zakho kodwa uqaphele ungabi yisitha sakho uqobo. Ngesinye isikhathi thina bantu sibanemikhuba emibi engathandeki kubantu sibe singayinakile idale ukuthi abantu baqhele eduze kwethu noma baqale ukwenza izinto esingaziqondi ngathi besesibabona njegezitha kanti imikhuba esiyenza singanakile yiyona ebaholele lapho .
Kunokuba nezifundiso ezinye sizithola kubangane nakwezenkolo ezigcina zisikhohlisa sibone abantu abasikhathalelayo njengezitha ngoba besikhuza ezintweni ezimbi esisenzayo noma besinikeza impendulo yendlela esibaphethe ngayo embi nabo babuyise into efanayo besesibona ubutha kanti sivuna esikutshalile. Ungathi abantu yizithazakho kanti uvuna okutshalile kubona .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare