UMengameli uRamaphosa uhloniphe Inkosi uDinizulu njengeqhawe elalwela inkululeko

SHEILA MHLONGO

UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa uhloniphe Inkosi uDinuzulu kaCetshwayo njengeqhawe elalwela inkululeko ezidela ukuze izwe likhululeke.

URamaphosa ubehambele umcimbi wokukhunjulwa kweNkosi uCetshwayo kaDinuzulu yeminyaka engu 110 yakhothama,lomcimbi  ubungoMgqibelo womhlaka 16 Mashi 2024 ezinkundleni zemidlalo kwaCeza, enyakatho neKwaZulu-Natali.

Ngaphambi komcimbi uMengameli uRamaphosa ephelekezelwa uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk. Nomusa Dube-Ncube  uqale wayobeka izimbali ethuneni leNkosi uDinuzulu eMakhosini KwaNobamba Olundu.

Ethula inkulumo yakhe uMengameli uthe ukukhunjulwa kweNkosi uDinuzulu kwenzeke ngesikhathi esihle lapho izwe libungaza iminyaka engamashumi amathathu lathola ukubuswa ngokwentando yeningi kanye nenkululeko eNigizimu Afrika.

“Lena inkululeko eyalwelwa ngisho nayiyo Inkosi uDinuzulu, silapha ukuzohlonipha Inkosi Yamakhosi, iqhawe elalwela inkululeko, okwathi noma ecindezelwa ehlushwa yena kanye nabantu bakhe kodwa akazange ahlehle.”kusho uMengameli uRamaphosa.

UMengameli uthe Inkosi uDinuzulu njengabanye ababengaphambi kwakhe abalwisana nombuso wengcindezelo, lokhu wayengakwenzeli nje abantu bohlanga oluthile endaweni ethile. Kodwa kwakungumzabalazo wokulwela bonke abantu ababecindezelwe eNingizimu Afrika, nakuba yena wayelwa eKwaZulu-Natali.

Ngesikhathi kuqala kufika abacindezeli emhlabeni wethu, okhokho bethu ngokwezinhlanga ezahlukene okungama Khoi, San, amaXhosa, amaZulu, AbeSotho, aBatswana, aBaVenda,amaShangane, amaDzonga, aBaPedi, amaXhu namaKhwe,kanye namaSwati, bonke bathatha izikhali belwela umhlaba wethu kanye nabantu bethu.

Ngaphambi kokusungulwa kweqembu le African National Congress ngo-1912, kwakuwusiko ukuthi abaholi bomdabu ukuthi bahambe phambili ekulweni nengcindezelo.

UMengameli uphinde wancoma Inkosi uDinuzulu ngothando lwakhe lwezemfundo ngokuthi  wakwazi ukuthumela abantwana bakhe esikoleni kanye noMntwana uMagogo ekanye nomfowabo Inkosi uSolomon.

“Njengoba sikhumbula iminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu, kumele siqinisekise ukuthi umlando wakhe awushabalali, kodwa kunalokho uyaqhubeka nokuxoxwa kuze kube izizukulwane ezizayo.” Kugcizelela uMengameli uRamaphosa-SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *