I-APF ithembisa  ukubuyisa umhlaba kubantu baseNingizimu Afrika  

ZETHU PHOSWA

INHLANGANO yezepolitiki  i-African People First (APF), yethule  umhlahlandlela wezethembiso zawo, ngesikhathi ubize isithangami sabezindaba emahhovisi ayo e-Commercial  City, eThekwini, ngesonto eledlule.

UMnuz Muzi Hlengwa ongumsunguli wale nhlangano ophinde abe nguMengameli wayo, uthi kabasoze bashela ngamanga kodwa basebenzela ezintweni eziyisihlanu, okubalwa umhlaba, umnotho, ukuphucula isimo senhlalo e-Afrika, Ubuntu  nokulwa nokucwasa ngokobuhlanga.

“ Kulezi zinto ezinhlanu, okuseqhulwini kubili okuyikona okuzokwenza lokhu okuthathu kuze kalula. Okuseqhulwini kuthina ukwenza abantu base-Afrika babuyelwe yisithunzi ngokuthi sibabuyisele umhlaba wabo, nokusetshenziswa kwawo ukuze kuthuthukiswe ezomnotho,” kubeka uMnu Hlengwa.

Le nhlangano  i-African People First, isungulwe mhla ziyisi-8 kuLwezi (Novemba) ngonyaka wezi 2020, KwaMashu, ngaphansi kwesisekelo se-Socialism, okuchaza izinto azibuswe nguhulumeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *