Iqembu le-IFP selikhiphe isitatimende liphika izinsolo zokuthi abalandeli balo bashaye balimaza abalandeli beqembu le ANC, ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu. Lokhu kuza emuva kokuthi uphiko lwabesifazane be ANC (ANCWL) likhiphe isitatimende lisola iqembu leIFP ngokuba ophakimpi.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sivela eqenjini le IFP, sisola uSihlalo weANC KwaZulu-Natali uMnu Sboniso Duma ngesenzo sakhe sokukhombisa ukungahloniphi Isilo kanye nokungahloniphi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngesikhathi ehlwitha umbhobho (microphone) kuNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, esathi uyakhuluma elungiselela ukwethula Isilo obekumele sethule inkulumo yaso.
Lokhu uDuma ekwenza ngoba edinwe inkulumo kaNdunankulu kaZulu uButhelezi lapho ebehlaba khona isenzo somholi we ANC uMnu Bheki Mtolo kodwa angabange esakwazi ukuqedela inkulumo yakhe ngoba uDuma umane wahlwitha umbhobho wasala kanjalo uMfundisi uButhelezi.
Siqhuba isitatimende se IFP sithi, uDuma uziphathe ngendlela ekhombisa ukwehlisa isithunzi sobuKhosi buka Zulu kanye nesizwe samaZulu okuhlanganisa ngisho umbuso wentanto yeningi.
Nokho isitatimende siqhube, sathi asimangali neze ukuthola izinsolo ze ANCWL kanye ne ANC ngesenzo sayo sokuthuka iqembu le-IFP, libiza amalunga awo ngophakimpi abalambele ukuchitha igazi, kodwa lingenabo ubufakazi balokhu, njengoba kungekho nelilodwa ilunga layo iqembu eliboshiwe.
“Sicela ukucacisa lokhu ukuthi iqembu leIFP limelene nezenzo zodlame, futhi siyalwemukela uphenyo lwamaphoyisa olungasiza ukuthi kutholwe futhi kubanjwe abenzi bobubi, futhi sifisela bonke abalimele ukwelulama okusheshayo.” Kusho isitatimende se-IFP.