SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezeziMali kuleli uMnu Enock Godongwane usememezele ukuthi sekuzokhuphuka isibonelelo salabo abahola umhlomulo ka R350 uya ku R370 kusukela lulunye -1 Ephreli 2024. Lokhu uGodongwane ukumemezele lokhu ePhalamende ngoLwesithathu lomhlaka 13 Mashi 2024.
Kanti uMengameli wezwe naye ukuqinisekisile ukuthi lesibonelelo sabantu abangasebenzi (SRD grant) sizoqhubeka sibe khona futhi sikhushulwe njengoba vele sekwenzekile.
“Ngiyajabula ukusho ukuthi sesifike esivumelwaneni sokuthi sikhuphule isibonelelo salabo abangasebenzi sisuka ku R350 siya ku R370 kusukela ngomhlaka 1 Ephreli 2024, lokhu okuyingxenye yokubhekela amalungelo abantu.” kusho uGodongwane.
Ukukhushulwa kwesibonelelo sika R350 kulandela isimemezelo esenziwa uNgqongqoshe uGodongwane sokuthi zonke izibonelelo zikahulumeni zizokhuphuka kulonyaka wezimali ka 2024/2025.
“Siyabezwela kakhulu abantu baseNingizimu Afrika ababalelwa ku 19 million ngenxa yezindleko zokuphila eziphezulu,kungakho senze lokho okuhambisana nokusemgodleni esinawo.” Kusho uGodongwane. SANews.gov.za