SHEILA MHLONGO
UPhiko lwabesifazane leqembu le African National Congress (ANCWL) selinxuse uJenene wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uMkhwanazi ukuthi aqhamuke necebo elizosiza ukuqapha izenzo zodlame ngesikhathi sokhetho. Lokhu kuza emuva kokuthi kunezinsolo zokuthi amalunga eqembu le-IFP ashaye alimaza amalunga e-ANC ngoMgqibelo ngesikhathi kade kunomcimbi wokukhunjulwa kweminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu kaCetshwayo.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sivela oPhikweni lwabesifazane be ANCWL, sithi lesisenzo sabalandeli be IFP siyihlazo kabi ngoba abashayanga nje balimaza abantu abangenacala kodwa babeke elakuleli engcupheni yokuthi kungabikho ukuphepha nakwabanye abantu uqobo.
Isitatimende siqhuba sithi uPhiko lwabesifazane be ANCWL lube selinxusa uJenene Masemola kanye noMkhwanazi boPhiko lwamaPhoyisa ukuthi baqhamuke namasu okuqapha ezokuphepha ikakhulukazi lapha KwaZulu-Natali ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuba nokhetho olukhululekile ukuze kuthi labo abafuna ukuphehla udlame babhekane nengalo yomthetho.
UNobhala wesifundazwe we ANCWL, uZama Sokhabase uzwakalise ukudumala ngalokho akubize ngokuzenzisa kobuholi be IFP ikakhulukazi njengoba kade kunesikhalo sokuthi kumele kuliwe nezenzo zokuhlukumeza ngokobulili.
USokhabase usole umholi weIFP uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngokuphehla udlame eqhatha amalunga omphakathi kanye nabalandeli beANC abamsulwa, okuphethe ngokuthi balimale kanzima.
I-ANCWL izwakalise ukuthi inethemba lokuthi ingalo yomthetho izowenza umsebenzi wayo ukuze ibambe ibophe izaphulamthetho, Yabe isifisela bonke abalimele ukwelulama okuphuthumayo.