Inkulumo kaNdunankulu  waKwaZulu-Natali yesifundazwe  yeseshini yokugcina kwisiShayamthetho sesithupha

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ethula inkulumo yakhe yokugcina yesifundazwe

SHEILA MHLONGO

Bekuheleza umoya wokuthula uNdunankulu ethula inkulumo yesifundazwe saKwaZulu-Natali obekungeyokugcina kwiseshini yesithupha yesiShayamthetho saKwaZulu-Natali. Okuyikona okusemqoka kulenkulumo uNdunankulu, ubalule izinto ezimqoka  ezenziwe uhulumeni wesifundazwe  kusukela eminyakeni engu 30 lelizwe labuswa ngokwentando yeningi.

Ethula inkulumo yakhe uNdunankulu uMhlonishwa uNomusa  uDube-Ncube uke wathatha ithuba ebheka emuva ezinyangeni eziyishumi nesishagalombili (18) ezedlule, ngesikhathi efungiswa esikhundleni sokuba uNdunankulu wokuqala ngqa wesifazane KwaZulu-Natali, nokwaba isifungo asithatha njengesibaluleke kakhulu sokuthi aphathe isikhundla esiphezulu kakhulu kuhulumeni wesifundazwe.

UNdunankulu uDube-Ncube ukhulume mayelana,  nalokho osekuzuzwe uhulumeni  kusukela ngonyaka ka 1994 lelizwe lathola inkululeko, waphinda wakhumbula bonke oNdunankulu abandulelayo lapha esifundazweni kusukela ngeminyaka yawo 1994-2004 kwafungiswa uDktl.  Frank Mdlalose, u Dktl. Ben Ngubane ababengaphansi kweqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP). Kwathi ngonyaka ka 2004 kuze kube 2024 kwafungiswa  oNdunankulu ngaphansi kweqembu le-ANC okwaba uMnu Sibusiso Ndebele , uDktl Zweli Mkhize, uMnu Senzo Mchunu, uMnu Willies Mchunu, kanye noMnu Sihle Zikalala, owelanywe nguye  uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube.

UNdunankulu ukhumbule umlando owawunzima wokubulawa kwabantu KwaZulu-Natali kodwa abaholi bamaqembu ezepolitiki, bahlangana balamula kwaba khona ukuthula .

“Akumele sikhohlwe umlando lapho sivela khona.” Kusho uNdunankulu,  eqhuba ubale  nomlando wokusuka kwesiShayamthetho Olundi siza  eMgungundlovu okwaba yinto eyasiza  ukonga izimali zesiShayamthetho.

“Namuhla ngimi phambi kwalendlu ehloniphekile ukuze ngibeke isithombe mayelana nalokho osekuzuzwe uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali kusukela ngonyaka ka 1994 kuze kube imanje, ngiphinde nginikeze isithombe esibonisa ukuthi siyaphi eminyakeni engu-30 ezayo.” Kubeka uNdunankulu.

Izinto ezimqoka ezibalulwe uNdunankulu ngokufingqiwe kube ilezi ezilandelayo

Mayelana nomsebenzi wokweseka Amakhosi

Ngaphambi kuka 2004 amakhosi ayethola ingcosana yomholo ongu R5000 ngenyanga, kanti izinduna zazingatholi lutho, kodwa namuhla Amakhosi asethola umholo ongu R279,000 ngonyaka, bese ethola imali yezindleko zomgcwabo uma eshona, eyisamba sika R80,000 enikezwa umndeni ukuthi uyisebenzise ngokubona kwawo.Lokhu kusukela kumthetho owabekwa ukuze kulungiswe okwakonakele kanye nokunikeza imindeni yamaKhosi ilungelo lokuziqokela wona okumele athathe izikhundla zobukhosi ngaphandle kokucwasa ngokobulili ezikhundleni.

“Ukuze kuvikeleke isithunzi samaKhosi emphakathini, ngo 2005 uhulumeni wesifundazwe wethula uhlelo lokwakhela amakhosi imizi yezizwe ewafanele. Sikhuluma nje  ingu 40 Imizi Yezizwe eseyakhiwe.” Kuchaza uNdunankulu

“Nakuba sesenze konke kodwa siyavuma ukuthi zisekhona izinkinga okusamelwe kubhekwane nazo. Uhulumeni usebenzile ebiya izigodlo zoNdlunkulu , bathengelwa nezimoto , kumanje uhulumeni ulungisela ukuthi kwakhelwe Isilo isigodlo KwaNongoma”.

Uhulumeni uzibophezele ukubhekela imisebenzi yoNdlunkulu , kanye nemali ezokwengezwa emhlomulweni yezinduna  lokhu kusetshenzwa uCOGTA.

Ichilo  lokubulawa kwamakhosi nakho kuyinkinga , uhulumeni wabeka nesabelo sokuthi amakhosi nawo agadwe, afakelwa nama khamera ukusekela ukuphepha kwamakhosi.

UKuphathwa kweminyango  kahulumeni

Izikhala eminyangweni kahulumeni zigcwalisiwe kanti nezokuphathwa kwezimali kuhambe kahle kakhulu kwaze kwafakaza ngisho no Auditor General.Iminyango ewu 6 kuhlanganisa ngisho nesiShayamthetho ithole umbiko ongenawo ugcobho.

Uhlelo LwezeMpilo

Isibhedlela iDr Pixley KaSeme  Memorial Hospital, KwaMashu sakhiwe uyena lohulumeni sesiyasebenza selapha ngisho osopolitiki futhi sesikwaze ukuvula ngisho amathuba emisebenzi kusona.

Ngo 2001 iKwaZulu-Natali yayinezinga eliphezulu leHIV/AIDS.  Kanti akuyona kuphela eyinkinga , uhulumeni waphephisa izimpilo zabantu ngokuletha imishanguzo (ARV’s) ngoba abantu babefa.

Uhulumeni unakekela izingane ziseseziswini zomama bazo bathola usizo lokunakekelwa emtholampilo, kuze kube kufika usuku lokuzalwa bathole isitifiketi, sokuzalwa engakaphumi ngisho esibhedlela, aphinde umntwana athole nemali yesibonelelo.

KwezeMfundo

IKwaZulu-Natali yayinabantu abaningi ababengakwazi ukufund,  izinga laliphezulu kakhulu kwaba khona nohlelo “Imasifundisane”.  abantu abadala sebekwazi ukufunda

No fee schools izikole eziningi zangena ngaphansi kwaloluhlelo, Izinga lokuphasa kuka Grade 12 laliphansi kakhulu kodwa uhulumeni wakwazi ukuguqula isimo saze sabaphezulu. Izingane zamantombazane manje iwona asekhuphukile ngokwesibalo ukwedlula abafana.

EzoMntotho

UNdunankulu uveze isithombe sokuthi nakuba iKwaZulu-Natali ike yaba sesikhathini esinzima esicishe saqumba phansi umnotho wesifundazwe okwadalwa ubhubhane lwe Covid-19 olwahlasela umhlaba wonke kanye neNingizimu Afrika, izimvula ezinamandla ezahlasela isifundazwe kanye nesibhicongo sezibhelu zokucekelwa phansi kwamabhizinisi zika Julayi 2021. Kodwa ube esencoma ukubambisana  kuhulumeni ngokusukumela phezulu ukulungisa isimo osekudale ukuthi kube nozinzo emnothweni wesifundazwe.

“Singuhulumeni wesifundazwe senza konke okusemandleni ukweseka osomabhizinisi abenza imsebenzi neminyango kahulumeni, ukuthi sibakhokhela ngesikhathi. Sethule umkhankaso we ‘Operation Pay on Time’ siphinde silungise izinkinga zokungakhokhelwa kosomabhizinisi.” Kusho uNdunankulu owengeze ngokuthi uhulumeni uyaqhubeka nokulwa nenkohlakalo waxwayisa izisebenzi zikahulumeni ezifuna ukugwazelwa.

Icebo lokuqeda ukusetshenziswa kwephepha (Digital)

UNdunankulu ubale icebo leDigital lapho uhulumeni ezama ukuqenda ngokusebenzisa iphepha, lokhu kwenziwa ngokusebenzisa  Internet ngoba kumele kube nohulumeni ongasebenzisi amaphepha. (Paperless government).

Uhulumeni useqeqeshe intsha ngomsebenzi wokufakela, Internet futhi kwayena uhulumeni usephinde waqasha yona intsha ukuthi ifakele izindawo zasemakhaya nge wifi ukuze abantu bakwazi ukuthola Internet .

Uhulumeni unikezele amatablet ezikoleni zezifunda zakwaZulu-Natali , abafundi sebengene ohlelweni lokufundiswa ngamarobotics. Kanti uhlose ukuthi zonke izikhungo zika hulumeini zibe ne-WIFI uma kushaya unyaka ka 2030.

Uhlelo lokukweseka osozimboni abamnyama (Black Industrialist)

Kulokhu uNdunankulu ubalule ukuthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ukuthi athuthukise osozimboni abamnyama ukuze kuthuthukiswe umnotho, kudaleke namathuba emisebenzi njengoba lapha KwaZulu-Natali bebalelwa ku 35 osozimboni abamnyama asebethole ukuxhaswa ngezimali uMnyango wezeziMbomboni nezokuNcintisana.

Imizamo yokulwa nobugebengu obuhlobene nobulili (GBV)

IKwaZulu-Natali ingenye yezindawo ezinezinga eliphezulu lobugebengu ezweni lonke. Lokhu uNdunankulu uthe kuye kwadinga ukuthi kube nokusebenzisana nezinhlaka ezahlukene ukuze kuliwe nokwehlisa loluhlobo lobugebengu. Ikakhulukazi ubugebengu obunodlame  okubalwa ukubulala kanye nokuhlukumeza ngokobulili, wathi isifundazwe sibhekene ngqo nempi yokulwisana nezigelekeqe kanye namagenge. Ngokombiko wamaphoyisa libonakala lehla izinga ezindaweni ebezihlaselwe ubugebengu okubalwa uMsinga, amahostela, KwaMashu, eGlebelands hostels. Kanye nodlame lwasematekisini koFolweni, Chesterville, Pinetown, Mpumalanga Township naKwaDabeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *