SHEILA MHLONGO
Isilo Samabandla uMisizulu KaZwelithini sivule Indlu yesiShayamthetho saKwaZulu-Natali okube inkulumo yokugcina kwiseshini yesithupha esiShayamthetho sesithupha okungesokugcina emva kokhetho luka 2019.
Isilo sibonge isiShayamthetho ngokusimema ukuthi sizokwethula inkulumo yokuvulwa kwendlu yesiShayamthetho, okuyinto ewumlando kanye nenkonzo ebalulekile kuso.
“Kuyintokozo enkulu kimi ukuba ngiphinde ngimenywe ukuba ngizovula isiShayamthetho saKwazulu Natal. Lenkonzo engizoyenza namhlanje iyisibopho kimi futhi inginika ithuba lokuzibonela umsebenzi omuhle noncomekayo owenziwa phakathi kulendlu. Kuleminyaka edlule kube yisikhathi sokuvivinywa kukaZulu. Siwe sivuka kanyekanye, sabeka ithemba lethu kuJehova ukuba alondoloze ubunye, ubungcwele, nobuqhawe bethu njengesizwe.” Kusho Isilo
Njengoba izwel libungaza iminyaka engamashumi amathathu lathola umbuso wentando yeningi Isilo, sithe unyaka ka 2024, siwuhlonze njengonyaka wokuthula noxolo, sabe sesicela ukuthula nokubekezelelana kumaqembu ezepolitiki njengoba kubhekwe okhethweni.
Isilo sibike ukuthi kulonyaka ngokubambisana nohulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali kanye noMasipala wesifunda saseZululand bazokwembula isichushe seNkosi, uShaka kaSenzangakhona, esikhumulweni sezindiza eKinga Shaka Interantional Aiport, kanye nesichushe seNkosi uZwelithini kaBhekuzulu, emagcekeni esiShayamthetho, Olundi.
Ukubulawa kwamakhosi kumele kuphele . iKwaZulu-Natali iyisifundazwe esinobunye noxolo. Isilo sibe sesinxusa amaphoyisa ukuthi kumele asebenze kanzima ukuthungatha abophe izigilamkhuba ezibulala amakhosi.
“Ngoba inhloso yami ukuvikela nokuthuthukisa umhlaba wesizwe sikaZulu ngokubambisana namakhosi, ngibe sengenza ushintsho ebuholini be-Ingonyama Trust okuyiyo ezoqinisekisa ukuthi abantu bayazuza ezintweni ezenzeka emhlabeni wayo Ingonyama Trust”. Kuchaza Isilo.
Siqhuba Isilo sazise, Indlu yesiShayamthetho ukuthi ngomhlaka 27 Januwari kulonyaka Esandlwana saqoka uNdunankulu kaZulu omusha neSekela lakhe. “Ngiqoke uMfundisi uThulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu kaZulu neNkosi uPhathisizwe Chiliza njengeSekela lakhe ngoba mkhulu kakhulu umsebenzi, ibona engizobambisana nabo futhi nethemba lami ngilibeke kubona”.kubeka Isilo
Khona manjalo Isilo siphinde samemezela ibutho elincane okuthiwa u “Silwanetshe” elizoqoqa abafana abasebancane bafundiswe isimilo. Kanye nebutho okuthiwa “Amabhinca “ elisabalele iNingizimu Afrika yonke. Lelibutho lithanda kakhulu umculo kamaskandi futhi liswenka ngendlela yalo. “Namhlanje ngifisa ukumemezela uMnumzane uNgizwe Mchunu njengomdidiyeli walelibutho lamabhinca. uNgizwe uzoba ngaphansi koholo lwabadidiyeli bebutho jikelele, uMntwana uVanana kanye neNduna uMhlongo.”
“Malungu ahloniphekile nginifisela inqubekela phambili, nokukhula komnotho ukuze kwande amathuba omsebenzi. Ngalamazwi ngiyasivula isiShayamthetho ngokusemthethweni kulonyaka ka-2024.” Kuphetha Isilo
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ubonge inkulumo yeSilo
Wenanele inkulumo yokuvula isiShayamathetho yeSilo, ebonga uthe benguhulumeni bayazibophezela ekusebenzisaneni neSilo. Futhi babonga izeluleko abazithola kuso Isilo.
Namuhla sinokuthula noxolo ngenxa yeSilo esakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngomsebenzi wakhe wokudala ukuthula, namuhla siyabonga isifundazwe sethu ngozinzo olukhona ngenxa yaso Isilo esingasekho.
UMengameli wezwe usememezele usuku lokhetho lapho kuyobanjwa ukhetho. “Siyafisa Hlanga Lomhlabathi ukubonga indlu kaZulu ngokuba khona lapha sivula indlu yesiShayamthetho saKwaZulu-Natali
Abebekhona kuvulwa isiShayamthetho ,oNdunankulu abadala, iziMeya amakhosi, amakhansela, amalunga esiShayamthetho, amakhosi,izinduna, ukhomishana wombutho wamaPhoyisa KwaZulu-Natali, yesifundazwe nosekela khomishana.