SHEILA MHLONGO
USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNontembeko Boyce uchaza kabanzi ngezinhlelo ezenziwe isiShayamthetho kwiseshini yokugcina kanye naku themu yesiShayamthetho yokugcina ngaphambi kokuthi kubanjwe ukhetho luka 2024.
Kulokhu uSomlomo uchaza mayelana nemithetho abayibuyekezile ukuze ikwazi ukusebenza ngendlela ehambisana nesifundazwe kanye nezinye izinto okuye kwadingeka bazengeze ezifana nama Sectoral Parliament.
USomlomo ubeke wathi nakuba kungekuningi okushintshile ngoba inqubo yesiShayamthetho iyaphindaphindana kodwa into ekhona kuba ukushintsha indlela yokwenza. “Uma ngifika lapha esiShayamthetho, njengoSomlomo kuye kwangicacela ukuthi akuwona wonke amalunga esiShayamthetho akwazi ukuqonda isilungu noma afunde ngokwanele ukuthi akwazi ukuqonda Isingisi, ngakho ngonyaka ka 2021, ngabona kungakuhle ukuthi uma sibuyekeza ama Stading Rules, sibe neRole book ehunyushwe ngolimi lwesiZulu.
“Lapha KwaZulu-Natali ulimi olukhunlunywa kakhulu olwesiZulu kanye nesiXhosa, okungakho uma sihambele esifundeni Ugu ngivame ukukhuluma isiXhosa ngoba inhloso ukuthi kuzwe abantu esisuke sibahambele. Kodwa futhi uma sihambele izindawo eziseZululand ngikhuluma isiZulu”.
“Khona manjalo siye sabona ukuthi kukhona nolimi lwe Afrikaans nalo olunabantu balo, sabona kukuhle ukuthi nabo sibacabangele kube nencwadi yemithetho ehunyushwe ngolimi lwabo lwe Afrikaans”.
“Ngisho nakuWebsite yesiShayamthetho sinayo iyatholakala imithetho echazwe ngolimi lwesiZulu kanye ne Afrikaans”.
Kunalento ekuthiwa iHeritage nemvelaphi yakho (History) ongeke uphinde uyibhale okungakho kuthiwa “the doors of culture shall be opened.”kucacisa uSomlomo.
“Okunye okusha esabuye sakwengeza kwaba ama Sectoral Parlimament. Okuyinto eyadalwa izimo ezahlukene okubalwa isimo sokushona kwezingane zamantombazane ezifunda kumaNyuvesi, lapha KwaZulu-Natali. Kanye nenkinga yamantombazane aphenduka izisulu zokuthandana namadoda amadala ngenxa yokuhlupheka. Kwaphinde kwaba nenkinga yokubulawa kwabantu abathandana nobulili obufanayo, lokhu obekwenzeka kakhulu ngesikhathi samaPride days kanye nangezinsuku ze 16 Days of Activism”.
Kusungulwe ama Sectoral Parliament amathathu
“Young Women Symposium; ngenhloso yokuthi sixoxisane nentsha yamantombazane ukuze sizwe ngezingqinamba ebhekana nazo kanye nokuyicija ngolwazi olungayisiza ukuthi ikwazi ukubhekana nempilo.
Sex Worker Symposium emayelana nabenza umsebenzi wokudayisa ucansi lokhu sikwenze siyisiShayamthetho ukuze sithole ithuba lokuqonda ngezinkinga ezikhungethe abantu besifazane abazithola besemgwaqeni ngenxa yokuhlukumezeka okuholela ekutheni baze badayise ngocansi ukuze bondle imindeni yabo nalapho esithole ukuthi ngisho nabantu besilisa nabo bayadayisa ngocansi
LGBTI+ Symposium, lapha besixoxisana nabathandana nobullili obufanayo,saze saba nezingxoxo neUnique Magazine kamfundisi Mapule sabonisana ukuthi udlame lobulili lungaqedwa ngokubekezelelana.”
Indlela yokuqhuba iOversite Visit ebuyekeziwe
“Lapha sikhuluma ngendlela yokuqhuba iOversite Model ngendlela ehambisana nesimo sesifundazwe, njengoba uma sizophuma siyokwenza iOversite Visit kumele kuqala kuhambe umcwaningi (Researcher) ayokhulumisana nomphakathi ukuze uzwe kuqala izinkinga zawo bese thina siyisiShayamthetho sixhumane nomnyango kahulumeni okuyiwo ofanele uphendule ukuze sifike nezimpendulo eziqondile emphakathini.”
Mayelana nezindaba zomhlaba “SiyisiShayamthetho siye sajuba uMhlonishwa uSibhidla Saphetha ukuthi ahole iAd HOC Committee yokubheka izinkinga ezimayelana nama Trust abonakala engawusizi umphakathi kunolokho uyahlupheka kunemibango. Ngakho siye saqhamuka nezindlela zokusombulula izinkinga zama Trust aphethe imihlaba”.
Mayelana nemithetho ehlongozwayo(Bills)
IsiShayamthetho kulokhu siye sabhekisisa eminye yemithetho njengoba kuke kwenzeka umthetho we BBEEE okwatholakala ukuthi kukhona ingxenye yawo engahambisani nomthethosisekelo kwaze kwadingeka ukuthi kulungiswe uhlaka oluthize kuwona ukuze ukwazi uukusebenza.
Mayelana nomsebenzi wesiShayamthetho
USomlomo uncome kakhulu ukuzimisela okusezingeni eliphezulu lethimba labasebenzi besiShayamthetho kusukela kuNobhala walo uNksz. Nerusha Naidoo.
Okunye uSomlomo uncome abaholi bamaqembu ezepolitiki ameleleke esiShayamthetho ngokusebenzisana okuhle, wathi bakwazile ukubambisana naye ngisho nangesikhathi sokuhlasela kwenkinga ye Covid-19 okwaphoqa ukuthi kushintshe uhlelo lokusebenza kwadingeka kusetshenziswe ezobuchwepheshe be Internet ngisho noma kumele kwenziwe imihlangano, wathi nakuba kwaba nzima ekuqaleni kodwa ngokuzimisela kwazozonke izinhlaka ezikhona esiShayamthetho konke kwaba impumelelo.
USomlomo uphinde wancoma nomsebenzi omuhle owenze ukuthi, beyisiShayamthetho bathole umbiko omuhle wamabhuku ezimali (Clean Audit) kuze kube iminyaka emithathu ilandelana okudalwe ukusebenzisa imali ngokucophelela, ukonga kanye nezinga eliphezulu lokuphatha umsebenzi wesiShayamthetho.
Njengoba kuyiwa okhethweni ngomhlaka 29 Meyi, uSomlomo unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphume ngobuningi babo bayovotela iqembu abalibona lifanele nabayokwazi ukuthola izimpendulo uma lingenzi kahle, wathi kodwa ngokwakhe ubona iqembu likaKhongolose kuyilo elifanele ukunikezwa ithuba.