SHEILA MHLONGO
Abahlali baseMjondolo bathi kuleminyaka engu 30 yombuso wentando yeningi bona into yamalungelo abantu bayizwa ngendaba njengoba kusukela ngo 1994 bona besalokhu becindezelwe ubuphofu, kulelizwe elinegebe elikhulu lokungalingani ngokwezinga lempilo.
Labo abahlala emijondolo bayancishwa ilungelo lokuthola izidingo ezifana namanzi, kanye nohlelo lokuthuthwa kwendle. Ukususwa ngendluzula into yemihla ngemihla. Labo abahlala ezindaweni zasemakhaya bona bayaqhubeka nokuhamba amabanga amade ukuze bafinyelele ezikhungweni zezempilo, labo abahlala emapulazini basalokhu behlukunyezwa amafama ababona njegezinto ezingelutho.
“Cishe iminyaka engu 30 yonke sithathwa njengezinto ezingelutho, ngakho uma nje kuqhubeka ukungahlonishwa kwamalungelo ethu asisoze sabungaza usuku lwamalungelo abantu , uma nje amalungelo abhalwe phansi engakasho lutho asisoze sajabulela usuku lwamalungelo abantu. Kunalokho siyakhala ngokungabikho kwentando yeningi ngaphansi kombuso weANC.” kusho isitatimende Sabahlali baseMjondolo.
I-ANC inguhulumeni okhohlakele onabaholi abangenayo inhlonipho nobuntu bathatha umbuso benza sengathi bamele abantu kodwa manje bayizitha zabo abantu, bacekele phansi ubuntu bethu. Kunalokho leANC isebenzisa usuku olubungazwa minyaka yonke lwesibhicongo sase Sharpville naseLanga lwango 1960 ukuze ikhankase ngalo.
.
“Uma sihlangana silwela ubulungiswa njalo sihlangabezana nokuhlukunyezwa siphinde siboshwe noma sibulawe.Ngisho nelungelo lethu lezepolitiki lihlukumezekile ngaphansi kwe ANC. Kithina amalungelo abhalwe phansi ephepheni awasho lutho ngoba asiwatholi. Kodwa silokhu sicindezelwe.” kusho Abahlali
Ngenxa yalesisizathu sithi kumele sihlangane sisebenzise ivoti lethu ukuze sigudluze iqembu le ANC embusweni ukuze sinikeze isifundo kubobonke osopolitiki ukuthi uma bengahloniph abantu belibele bebacindezela nabo bayogudluzwa. Siyazi ukuthi kuwownke lamaqembu akhona alikho elimele abantu kodwa wonke akhiwe phezu kwesisekelo sezinngxabano , nakulo lolukhethi angeke sikwazi ukuvotela inkululeko ngoba onke asekwa ngezimali zongxiwa. Akukho nelilodwa elinendaba nabantu futhi siyazi emva kokhetho soqhubeka nokuhlupheka ngisho bangasebenzisa uhlelo lokubusa ngokubambisana kuyozifanela nje.