SBU MAMBA
Iqembu laKwaZulu Natal iLamontville Golden Arrows ngenyanga edlule
limemezele ukuthi seliqashe umqeqeshi omkatshubomvu ku DSTV Premiership uSteve Khompela ukuzotakula i Arrows .
UKhompela ufike kuleliqembu izinto zimapeketwane
i-Arrows iwukudla kwenduku kodwa manje izinto zithanda ukuhlangana usekwanzile ukuletha uzinzo kuleliqembu. Okunye okwenze umsebenzi kaKhompela waba lula ku
Arrows ukuthi uma ethatha izintambo akabachithanga abaqeqeshi uMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu kodwa ubenze abasizi bakhe .
Selokhu kufike uKhompela i Arrows isidlala ibhola eline nkosi phakathi nabagadli
oNduduzo Sibiya no Knox Mutizwa sebevukile emaqandeni, emidlalweni emibili
edlule uKhompela ukwazile ukuqoqa amaphuzu ayisithupha wafaka iArrows ku Top 8
ku DSTV . Lensizwa edabuka eGolden Valley Farm eKroonstad iseke yabaqeqesha
abafana bes’thende phambilini kusukela ngo Disemba ka 2018 kuya ku Okthoba 2020 ulazi njengoba ezazi leliqembu lase Thekwini.
UKhompela uyinkuzi emidwayidwayidwa ungumakadebona ebholeni laseMzansi waqala ukuqeqesha ngo 2002 elolonga i Maning Rangers , uma esuka lapho kwavele kwavuleka iminyango emikhulu emsebenzini wakhe wokuqeqesha futhi uqashwa ngamaqembu amakhulu ku PSL , usebuya ko Dynamos , Maritsburg United, Free State Stars, Bloemfontein Celtic , Platinum Stars , Kaizer Chiefs no Mamelodi Sundowns