![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/Ronwms-1.jpeg)
SBU MAMBA
Kubukeka sengathi lizofezeka iphupho lomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena
lokudla izicoco ezintathu kulesizini. Noma idlule kanzima iSundowns ku University of Pretoria
(Ama-Tuks) sekukhahlelwa amaphenathi kodwa uMokwena ubonge abadlali bakhe
ngokungaliphosi ithawula nokungangenwa ngamanzi emadolweni ikakhulukazi unozinti
uRonwen Williams owanyuse kakhulu amasokisi kulesizini.
ISundowns inqobe lomdlalo ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi , unozinti weBafana Bafana
uRonwen Williams obegila izimanga wazakhela nogazi kubantu baseNingizimu Africa
emqhudelwaneni we Africa Cup of Nations ( AFCON 2024 ) uphinde waba yiqhawe etakula
Amasandawana sekukhahlelwa amaphenathi , uvimbe amaphenathi amabili ePretoria
University kanti eyokuwina yeSundowns ivalelwe enethini uPeter “ Shasha” Shalulile. Isifiso
sikaMokwena ukudla lesicoco seNedbank, seligi (DSTV Premiership) kanye neChampions
League.
Khonamanjalo iSupersport United ka Gavin Hunt esefomini ihlangane nezimbila zithutha
ikhishwa kabuhlungu abafana be Stellenbosch FC beyibhonya ngo 4-0 emdlalweni wama
Quarter Finals eNedbank Cup kanti phakathi kwe TS Galaxy neChippa United kugcine
kunqoba ezikaMpengesi ngo 2-0 zidlulela kuma Semi-Filas alomqhudelwano. Aseqhathiwe
futhi lamaqembu amane kodwa okujabulisa abaxhasi beNedbank Cup ukuthi iSundowns
nePirates begwemene , Amabhakabhaka azobhekana ne Chippa United kanti
Amasandawana azodlala ne Stellis engagayelwa mphako kulezinsuku. Iqembu elizowina
lendebe lizokhala lemuke no 7million.