![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/image-21.png)
SHEILA MHLONGO
UXolane Maphanga obedume ngohlelo lwe XRepo kwi Moja Love uzinikele
emaphoyiseni mayelana nezinsolo zokuthi uphathe ngesihluku umuntu wesifazane
obesolwa ngokudayisa izidakamizwa.Ngokwemibiko ecashunwe ekhasini lakhe lika
Facebook uXolane uboshwe ngoLwesithathu lomhlaka 10 Ephreli.
Kanti umphakathi umangele ngalesigameko esinye phezu kokuthi ngonyaka ophelile
kwaboshwa omunye umethuli wohlelo lwayo iSizok’thola uXolani Khumalo njengoba
kwaba nezinsolo zokuthi sengathi inkinga isekutheni kuvikelwa abadayisi
bezidakamizwa ngoba akufuneki ziphele futhi kuyasolakala ukuthi kukhona
abazuzayo ngalombulalazwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangonyaka ophelile umqhubi walo uhlelo iSizok’thola
uXolani Khumalo naye waboshelwa izinsolo zokuthi wadubula wabulala umlisa
mumbe owabe esolwa ngokudayisa zona izidakamizwa. Uma sibhekisisa kuyacaca
ukuthi loluhlelo oluyintandokazi kwiMoja Love kusho ukuthi luzulelwa amanqe.