![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/PIK--1024x768.jpeg)
Imvula eyayina izikhawu ayizange iwuphelise ugqozi lokuyothamela nokwamukela izipho umpakathi waseMandawe. Iholo laseMandawe ngaphansi kwenduna uGumede, beligcwele amalunga omphakathi ngomhla yizi 7 April, ngokuvunyelwa nguNdabezitha, inkosi yesizwe sakwaCele ukuba bahlanganyele khona.
Kwenzeke okungavamisile kulendawo kuvakashe ithimba lesimame elihlanganiswe u Fabtalent kanye ne Africa UK Umbrella Initiative ukuba balethe izingubo, izincwadi namathoyizi ezinganeni kulendawo yaseMandawe. Inkanyezi okuyinhlangano ezinze khona eMandawe, yenze umsebenzi omkhulu ngokulekelela nokuqinisekisa ukuthi abantu bendawo bayaziswa kanti futhi amalungiselelo okwenza umcimbi ahamba ngohlelo.
I Africa UK Umbrella Initiative ibeyengamelwe ngabambalwa yize inhlangano inamalunga athe xaxa kunalabo abafikile. Ngokwekhethelo, omunye wabo ongowokuzalwa futhi wakhulela eMkhomazi, eMandawe u Lungo, iciko, elisebenze kakhulu phesheya kwezilwandle laze lazinza khona, ukwazile ukuza nethimba lakhe okubalwa kulo u Bree, Dr.Gillian, Dineo kanye no Miss/Mrs Africa UK abuye futhi abe u Miss Charity Africa, u Khadija. Bonke sebezinze e UK kodwa bedabuka emazweni njengo Sudan, Kenya kanye Morocco. Imbokodo isebenzisane yabambisana ngokukhulu ukuzwana okwenze lomcimbi waba yimpumelelo.
I Fabtalent ibimelwe u Sharon Mthembu, ongowokuzalwa naye eMkhomazi obuye abe umculi eqenjini I Gagamela, elaziwa ngengoma ‘’Umzabalazo” wabuye wadlala kakhulu phesheya kwezilwandle emidlaleni yeshashalazi. Omunye obemelwe yi Fabtalent u Mpume Mnyawe, onomlando omude emkhakheni wezobuciko futhi abuye abe nendodo yokuba yi” Influential Woman”, emkhakheni wazo ezobuciko.
Umsebenzi wonke uhambe kahle , uphethwe ngu Ndublaq/ uNondumiso zajabula izingane. Singekhohlwe ukubalula ikhono elivezwe Umzini Arts kanye nomculi , uBhekani Ngwane ocula iGospel ngokunandisa, okuthakaselwe kakhulu yizihambeli. Konke loku esikuhlanganiselwe yiNkanyezi, iholwa uNontobeko.
Okhulumela iFabtalent, UMpume, uthanda ukubonga kakhulu kumphakathi waseMandawe, abesizwe senkosi uCele, Inkosi uCele, elivule ithuba lokuthi sihlanganyele eholo nobuholi buphelele obungaphansi kwenkosi, ikakhulukazi iNduna u Gumede kanye NoMageba obelekelelana nathi neNkanyezi. Bayede!