Inhlangano ye-IEC isishicilele uhla lwamakheli ezikhungo zokuvota

Inhlangano emele ukhetho yeIEC isikhiphe isitatimende sokuthi isilushicilele uhla lwamakheli ezikhungo zokuvota kuleli ezibalelwa ku 23, 292 oluzobe lusetshenziswa okhethweni lukazwelonke kanye nolwezifundazwe luka 2024 (NPE2024).Lokhu kuhlaluke ngesikhathi  kade kunesithangami sabezindaba ngeviki eledlule eCenturion ePitoli.

Ngokusho koMphathi Jikelele we IEC uMnu Sy Mamabolo uthe isifundazwe saKwaZulu-Natali isona esizoba nezikhungo eziningi ukwedlula ezinye ngesibalo esingu  4,974, silandelwe esase Eastern Cape ngo 4, 868, iLimpompo ngo 3,216. Kanti zonke izikhungo sezithole izinkontileka nezivumewano zokuqasha (Lease agreements).

Uhla lwezikhungo zokuvota luyatholakala kwi-website ye-IEC ethi:http//www.election.org.za/pw/Documents/VotingStations Final 20240412.

Abe IEC bathi sebelungiselela ukusabalalisa izinto zokuvota ezingamathani abalelwa ku 1,873, ezizobe zigcinwe kuma Warehouse ehlukene ezweni lonke.

Izicelo zamavoti akhethekile (Special Votes) kulabo abafuna ukuhanjelwa emakhaya kuqalile ukuvulwa kusukela ngomhlaka 15 Ephreli kanti koze kuvalwe ngomhlaka 3 Meyi 2024.

Abantu abahanjelwa emakhaya aqonde ukusiza labo abangakwazi ukuzihambela baye ezikhungweni zokuvota, kanti amavoti ayisipesheli wona enzelwe labo abangeke bakwazi ukuba sezikhungweni ababhalise kuzo ngosuku lokuvota okuyobanjwa ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokhetho kusukela ngomhlaka 27-28 Ephreli 2024

Amavoti ayisipesheli wona kungafakwa ngokudonsa ifumu yesicelo (application form)

Ku : www.elections.org.za, noma ngokuthumela iSMS ebiza uR1 enombolweni engu : 32249, noma uziyele mathupha emahhovisi kaIEC. SANews.org.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *