![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/Untitled5.png)
ZUKISWA MTHANTI
USizwe Ngema, oyi- constable, owabulala ngesihluku okade ethandana naye uYolanda (Bianca) Khumalo ubevele enkantolo yemantshi eThekwini namuhla. Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 29 kuMbasa ngenxa yokuthi ubengakamtholi ummeli
uMpume Khuzwayo ongumama omdala ka Bianca uthe,”Njengoba icala lilibele lihlehla kuthina esilahlekelwe akupholi futh akudluli. Konke loku kubuhlungu ngoba uBianca thina besimazi njengengane ephansi ngokumoya. Kuyasixaka ukuth kuze kwafika lakhona lomfana ambulale, kodwa Kuyacaca ukuth kuningi okade kwenzeka.Nomndeni wonfana akaze wakhuluma noma uxhumane nathi kodwa futhi kungcono kube njalo ngoba phela yini ozoyisho, kuyabonakala nokuthi lomfana umbulale ngehloso uBianca”.
Ngokusho komdeni wakwaKhuzwayo uthe kuyabonakala ukuth Sizwe ubemuhlukumeza u Bianca Yize noma kade efihla engafuni ukuth abantu abadala bazi, kodwa ngalolosuku ezobulawa wayesefonele umama omncane wakhe ethi kukhona azomutshena kona okubukeka angathi kuyamhlupha.
Bathe abakufisa kakhulu ukuthi umthetho uthathe indawo yawo kulento eyenzekile.