UNdunankulu waKwaZulu-Natali uncome amaqembu ezepolitiki ngokuzibophezela okhethweni olukhululekile

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube uncome izinhlangano zamaqembu ezepilitiki KwaZulu-Natali ngokuzibophezela okhethweni olukhululekile nolungenazo izihibe . Lokhu uDube-Ncube ukusho emcimbini wokusayindwa kwesivumelwano sokuzibophezela kwamaqembu ezepolitiki ebesisingethwe inhlangano emele ukhetho ye- IEC, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini ngoLwesithathu lomhlaka 17 Ephreli 2024.

“Isenzo sokuzibophezela okhethweni olukhululekile nolungenazo izihibe  kwamaqembu ezepolitiki siyizinkomba zokuthi abantu bakulesifundazwe bazimisele ngokuthi kube nokuthula kanye nenhlala kahle.” kusho uDube-Ncube.

Ukusayindwa kwesivumelwano sokuzibophezela nokuqinisekisa ukuthi amaqembu ezepolitiki kanye nabalandeli bawo bazoqinisekisa ukuthi ukhetho luba olukhululekile futhi olungenazo izenzo zodlame kanye nokwephulwa komthetho.

Sesihambe indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi kube nokuthula kanye nokubekezelelana njengesiko mpilo lethu kulesifundazwe sethu . Njengoba sibungaza iminyaka engu-30 yombuso wentando yeningi, sithanda ukubonga amaqembu ezepolitiki ngokwehlukana kwawo ngesenzo sawo sokusayinda lesivumelwano, njengoba siyazi umthelela wokungakwazi ukubekezelelana kanye nomthelela wakho kwezenhlalakahle.” kusho uDube-Ncube.

Eqhuba uDube-Ncube uthe “ukusayindwa kwalesivumelwano sokuzobophezela kuyisethembiso esibhekiswa kubantu sokuthi angeke sivume ukuthi ukhetho lusibuyisele esikhathini sokungabikho kozinzo.”

Eqhuba uDube-Ncube uthe cishe babalelwa ku 20,000 abantu abadlula emhlabeni ngenxa yodlame lwezepolitiki KwaZulu-Natali olwezeka ngeminyaka yabo 1980 ngaphambi kokhetho lokuqala lwentando yeningi kuleli.

Ukuze sifinyelele kulesikhathi esikuso manje  kwakungenxa yemizamo yezinhlaka ezahlukene okuhlanganisa abaholi bezepolitiki, amalunga omphakathi, abezenkolo, amakhosi, kanye nabamele izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni lapha KwaZulu-Natali.

UDube Ncube ube esencoma impumelelo yesifundazwe ngomsebenzi waso omuhle wokuletha izidingo kubantu ngempumelelo kanye nokuheha abatshali bezimali.

“Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ukuthula nentuthuko angeke ukwazi ukukwehlukanisa. Ngakho kungumsebenzi wethu sonke ukuthi siphokophelele ukuthi kuhlale kunokuthula, uzinzo, kanye nokubekezelelana, ngisho nangemuva kokhetho, ukuze isifundazwe sethu siqhubeke sithuthuke siye phambili.” kuphetha uDube-Ncube

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *