UNgqongqoshe uNxesi  ehambisana noNdunankulu uDube-Ncube bethule isikhwama se UIF

UNgqongqoshe wezokuQashwa nezemiSebenzi uMnu Thulasi Nxesi ngokubambisana nohulumeni waKwaZulu-Natali oholwa uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube bethule isikhwama somshwalense wabangasebenzi (Unemployement Insurance Fund esaziwa nge UIF obekuhambisana nohlelo lokuqasha (Labour Activation Programme (LAP) esifundazweni. Kuloluhlelo kuzobe kuqeqeshwa abantu ababalelwa ku 100,000 ezingxenyeni ezahlukene zomnotho okuzobe kuhlangnisa ezolimo, ezaselwandle, kanye neze renewable energy.

Loluhlelo luqukethe isabelomali sika R23 billion  wamarandi  esihlanganisa zonke izifundazwe zakuleli lapho kuzobe kuqeqeshwa abantu abangaphezu kuka 700,000 ezweni lonke. Kanti iKwaZulu-Natali yona yabelwe isamba esingaphezu kuka R3 billion wamarandi ngawo okuzoqeqeshwa abantu abangasebenzi ezifundeni ezahlekene, okuhlanganisa eThekwini Metro, King Cetshwayo, kanye nezinye.

Ukwethulwa kwaloluhlelo bekubanjelwe eDurban Exhibition Centre eThekwini ngoLwesibili lomhlaka 16 Ephreli. Kulomcimbi uNgqongqoshe uNxesi wethule indlela okuzohanjiswa ngayo lomsebenzi wokuqeqeshwa kwabantu. UNdunankulu uDube Ncube uchaze indlela uhulumeni wesifundazwe ozokweseka ngayo loluhlelo, kuphindwe kwaba nezibopho ezenziwe izinhlaka ezibambisene naloluhlelo. Kulo loluhlelo kubekhona abanye asebethole ukuhlomula kulo abafakazile mayelana nendlela olubasize ngayo kodwa futhi asebeqashwe ngokugcwele. Khona manjalo kube sekuchazwa indlela abantu abangazibandakanya ngayo kulo loluhlelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *